Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kuThimothewu 6:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Yebo, ukumesaba uNkulunkulu kanye nokwaneliswa kuyinzuzo enkulu,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Yebo, ukumesaba uNkulunkulu nokwaneliswa kuyinzuzo enkulu,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 Kodwa ukumesaba uNkulunkulu kanye lokwaneliseka kuyinzuzo enkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Kodwa ukumesaba uNkulunkulu kanye lokwaneliseka kuyinzuzo enkulu.

Gade chapit la Kopi




1 kuThimothewu 6:6
23 Referans Kwoze  

Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa imali; yaneliswani ngeninakho; ngokuba yena ushilo wathi: “Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya,”


kepha uma sinokudla nezambatho, asaneliswe yikho.


Okuncane kanye nokulunga kungcono kunenzuzo enkulu kanye nokungalungi.


Ngokuba ukujwayeza umzimba kusiza ingcosana, kepha ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, kunesithembiso salokhu kuphila nalokho okuzayo.


Ngokuba kimina ukuphila kunguKristu, ukufa kuyinzuzo.


Okuncane kanye nokumesaba uJehova kungcono kunengcebo eningi kanye nokukhathazeka.


Okuncane anakho olungileyo kungcono kunemfuyo yababi abaningi.


Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu; uJehova uyakupha umusa nodumo; akayikubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.


Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngecebo lakhe.


Namabutho ambuza athi: “Thina-ke, sizakwenzani na?” Wathi kuwo: “Ningamuki muntu lutho ngendluzula, ningamxabheleli; yaneliswani yizinkokhelo zenu.”


UMose wazimisela ukuhlala kulowo muntu; wamupha uMose uSipora indodakazi yakhe.


Ngokuba usizi lwethu olululana olungolomzuzwana luyasisebenzela isilinganiso esikhulu kakhulu senkazimulo emiyo phakade,


Onomoya ohahayo uyavusa ukuxabana, kepha owethemba kuJehova uyakukhuluphaliswa.


singakhi izindlu ukuba sihlale kuzo; futhi isivini, nensimu, nembewu asinakho.


Wayesethi kubo: “Bhekani, nixwaye ukuhaha konke, ngokuba ukuphila komuntu akumi ngobuningi bempahla yakhe.”


Masihambe siye eJordani, sithathe khona, kube yilowo nalowo umshayo ube munye, senzele khona indawo esingahlala kuyo.” Wathi: “Hambani.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite