Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kuThimothewu 6:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Kepha wena muntu kaNkulunkulu, balekela lezo zinto; jonga ukulunga, nokumesaba uNkulunkulu, nokukholwa, nothando, nokubekezela, nobumnene.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Wena muntu kaNkulunkulu, baleka kulezo zinto, kodwa phokophelela ukulunga, ukwesaba uNkulunkulu, ukukholwa, uthando, ukubekezela nobumnene.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Kodwa wena muntu kaNkulunkulu, zibaleke lezizinto; futhi ulandele ukulunga, ukwesaba uNkulunkulu, ukholo, uthando, ukubekezela, ubumnene.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Kodwa wena muntu kaNkulunkulu, zibaleke lezizinto; futhi ulandele ukulunga, ukwesaba uNkulunkulu, ukholo, uthando, ukubekezela, ubumnene.

Gade chapit la Kopi




1 kuThimothewu 6:11
40 Referans Kwoze  

Kepha balekela izinkanuko zobusha, ujonge ukulunga, nokukholwa, nothando, nokuthula kanye nabakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlambulukileyo.


ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.


Makungabikho muntu odelela ubusha bakho, kepha yiba yisibonelo kwabakholwayo ngezwi, nangenkambo, nangothando, nangokukholwa, nangokuhlanzeka.


Zamelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa, ongenakho angeyibone iNkosi;


Ngalokho-ke, bathandwa bami, kubalekeleni ukukhonza izithombe.


adede ebubini, enze okuhle, afune ukuthula, akujonge,


Balekelani ubufebe. Zonke izono azenzayo umuntu zingaphandle komzimba; kepha owenza ubufebe wona owakhe umzimba.


Deda kukho okubi, wenze okuhle; funa ukuthula, ukujonge.


ebongwa ngemisebenzi emihle, uma ondlile abantwana, uma engenisile izihambi, uma egezile izinyawo zabangcwele, uma esizile abahluphekayo, uma ekhuthalele umsebenzi wonke omuhle.


Jongani uthando, futhi nizondelele iziphiwo zomoya, ikakhulu ukuba niprofethe.


Ngalokho-ke asijonge okokuthula nokokwakhana.


“Ngilaleleni nina enilandela ukulunga, nina enimfunayo uJehova; bhekani kulo idwala eniqhezulwe kulo, nakuyo imibhobo yomgodi enakhishwa kuyo.


Abaphindisela okubi ngokuhle bamelene nami, ngokuba ngilandela okulungileyo.


Kepha uGehazi inceku ka-Elisha umuntu kaNkulunkulu wathi: “Bheka, inkosi yami imyekile uNahamani lo wase-Aramu ngokungamukeli ezandleni zakhe akulethayo; kuphila kukaJehova, ngiyakugijima, ngimlandele, ngithathe into kuye.”


Thimothewu, londa kahle okubekiweyo kuwe, ugweme ukukhuluma okuyize nokuphikisana kwalokho okuthiwa ukwazi kungesikho,


ngabangenisa endlini kaJehova ekamelweni lamadodana kaHanani indodana ka-Igidaliya, umuntu kaNkulunkulu owayeseceleni kwekamelo lezikhulu elaliphezu kwekamelo likaMahaseya indodana kaShalumi, umlindisango.


Wamisa njengomthetho kaDavide uyise izigaba zabapristi enkonzweni yabo, namaLevi ezikhundleni zawo ukuba adumise, akhonze phambi kwabapristi njengokudingekayo imihla ngemihla, nabalindisango ngezigaba zabo emasangweni ngamasango, ngokuba uDavide umuntu kaNkulunkulu wayeyale kanjalo.


Wayesethi: “Yitshe lini leli engilibonayo na?” Abantu bomuzi bamtshela bathi: “Yithuna lalowo muntu kaNkulunkulu owavela kwaJuda, wamemezela lezi zindaba osuzenzile nge-altare laseBethele.”


Wabuye wathuma induna yesithathu yamashumi ayisihlanu inamashumi ayisihlanu ayo. Yakhuphuka le nduna yesithathu yamashumi ayisihlanu, yafika yaguqa ngamadolo phambi kuka-Eliya, yamnxusa, yathi kuye: “We muntu kaNkulunkulu, ukuphila kwami nokuphila kwalezi zinceku zakho ezingamashumi ayisihlanu makube yigugu emehlweni akho.


Wayesethuma kuye induna yamashumi ayisihlanu inamashumi ayisihlanu ayo. Yakhuphukela kuye; bheka, wayehlezi esiqongweni sentaba. Yakhuluma kuye, yathi: “We muntu kaNkulunkulu, inkosi ishilo ukuthi: ‘Yehla.’ ”


Wayesesondela umuntu kaNkulunkulu, wathi enkosini yakwa-Israyeli: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngokuba ama-Aramu eshilo ukuthi uJehova ungunkulunkulu wezintaba, kasiye unkulunkulu wezigodi, ngiyakusinikela sonke lesi sixuku esikhulu esandleni sakho, nize nazi ukuthi nginguJehova.’ ”


Wayesethi ku-Eliya: “Nginamsebenzi muni nawe muntu kaNkulunkulu na? Uze kimi ukuba kukhumbuleke isono sami nokuba kubulawe indodana yami.”


Kwafika umuntu kaNkulunkulu ku-Eli, wathi kuye: “UJehova usho kanje, uthi: ‘Angithi ngazibonakalisa kuyo indlu kayihlo, beseseGibithe besendlini kaFaro.


Esezwile lokho umprofethi obembuyisile endlelni wathi: “Ngumuntu kaNkulunkulu lowo owayengalaleli izwi likaJehova; ngalokho uJehova umnikele kuyo ingonyama, yamdwengula; yambulala njengezwi likaJehova alikhuluma kuye.”


Bheka, kwavela kwaJuda umuntu kaNkulunkulu ngezwi likaJehova, weza eBethele; uJerobowamu wayemi e-altare ukushisa impepho.


Yathi kuye: “Bheka, kukhona kulo muzi umuntu kaNkulunkulu, umuntu ohloniphekayo; konke akushoyo kuyakwenzeka impela; masiye khona, mhlawumbe angasitshela indlela esihamba ngayo.”


Nasi isibusiso uMose, umuntu kaNkulunkulu, abusisa ngaso abantwana bakwa-Israyeli, engakafi; wathi:


Uyakulandela ukulunga okuyikho ukuba uphile, ulidle izwe uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.


nabafowabo oShemaya, no-Azareli, noMilalayi, noGilalayi, noMahayi, noNethaneli, noJuda, noHanani, bephethe izinto zokubethwa zikaDavide, umuntu kaNkulunkulu; u-Ezra, umbhali, wayengaphambi kwabo.


Izinhloko zamaLevi nazi: oHashabiya, noSherebiya, noJeshuwa, indodana kaKadimiyeli, kanye nabafowabo malungana nabo, ukuba badumise, babonge njengemiyalo kaDavide, umuntu kaNkulunkulu, isigaba malungana nesigaba.


Kepha uMose, lowo muntu kaNkulunkulu, amadodana akhe abizwa ngesizwe sakwaLevi.


Owesifazane wathi ku-Eliya: “Manje sengiyazi ukuthi wena ungumuntu kaNkulunkulu nokuthi izwi likaJehova elisemlonyeni wakho liyiqiniso.”


Indlela yababi iyisinengiso kuJehova, kepha uyamthanda olandela ukulunga.


Kepha umusa weNkosi yethu wavama kakhulu kanye nokukholwa nothando olukuKristu Jesu.


ngalokho uma umuntu ezihlanza kulezo zinto, uyakuba yisitsha esihloniphekayo, esingcwelisiwe, esinosizo kumninindlu, esilungiselwe umsebenzi wonke omuhle.


Kepha wena walandela isifundiso sami nokuziphatha, nomgomo, nenkolo, nokubheka kade, nothando, nokubekezela,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite