Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kuThimothewu 5:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Lowo ongumfelokazi ngoqobo osele eyedwa uthembele kuNkulunkulu, uhlala ekunxuseni nasekukhulekeni ubusuku nemini,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Lowo ongumfelokazi ngempela, ongenabani, uthembele kuNkulunkulu, uhlala enxusa, ekhuleka ubusuku nemini.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Kepha yena ongumfelokazi osele yedwa uthembele kuNkulunkulu, uhlala ekunxuseni nasekukhulekeni ubusuku nemini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kepha yena ongumfelokazi osele yedwa uthembele kuNkulunkulu, uhlala ekunxuseni nasekukhulekeni ubusuku nemini.

Gade chapit la Kopi




1 kuThimothewu 5:5
27 Referans Kwoze  

Yazisa abafelokazi abangabafelokazi ngoqobo.


engumfelokazi waze waba neminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nane, engasuki ethempelini, ekhonza ngokuzila nangokukhuleka ubusuku nemini.


Ngokuba kade babezihlobisa kanjalo abesifazane abangcwele abamethembayo uNkulunkulu, bethobela amadoda abo,


Uma owesifazane okholwayo enabafelokazi, makabasize, ibandla lingasindwa, ukuze lisize abafelokazi boqobo.


Kepha ngifuna ukuba ningabi nakukhathazeka. Ongaganiwe ukhathalela okweNkosi ukuba angayithokozisa kanjani iNkosi.


Wabalandisa umfanekiso wokuthi bamelwe ukukhuleka njalo, bangadangali.


Ngezimpaphe zakhe uyakukusibekela, uphephele phansi kwamaphiko akhe; ukuthembeka kwakhe kuyisihlangu nehawu.


ngokukhuleka konke nokunxusa, nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya; kulokho nilinde ngesineke sonke nangokunxusela abangcwele bonke,


UNkulunkulu kayikubezwela yini abakhethiweyo bakhe abakhala kuye imini nobusuku, ababekezelele, na?


UJehova makakuvuze ngomsebenzi wakho, uphiwe umvuzo opheleleyo nguJehova uNkulunkulu ka-Israyeli oze ukuba uphephele phansi kwamaphiko akhe.”


wahlukene phakathi. Nongaganile oyintombi ukhathalela okweNkosi, ukuze abe ngcwele emzimbeni nasemoyeni; kepha oganileyo ukhathalela okwezwe ukuba angayithokozisa kanjani indoda yakhe.


okungukuthi siduduzane kanye nani phakathi kwenu ngokukholwa kwethu okwenu nokwami.


esamukela ngaye umusa nobuphostoli kube ngukulalela kokukholwa ezizweni zonke ngenxa yegama lakhe,


ezithemba ukufinyelela kuso izizwe eziyishumi nambili zakithi, zikhonza ngesineke ubusuku nemini; ngalelo themba, nkosi, ngimangalelwa ngabaJuda.


“Ephezulu ungithumele umlilo emathanjeni ami, wawahlula; wenekele izinyawo zami inetha, wangibuyisela emuva. Ungenze incithakalo, ngiphele amandla usuku lonke.


“Jabula wena nyumba, wena ongazalanga, uqhumuke ngokuhlabelela, umemeze wena ongabanga namihelo, ngokuba abantwana boyisikhwebu baningi kunabantwana bonendoda,” usho uJehova.


Ngubani phakathi kwenu omesabayo uJehova? Makalilalele izwi lenceku yakhe ehambile ebumnyameni, ethembile egameni likaJehova, noma ingenakukhanya, yencika kuNkulunkulu wakhe.


Bese wusho enhliziyweni yakho ukuthi: ‘Ngubani ongizalele laba, lokhu ngaphuciwe abantwana bami, ngingenalutho, ngingumthunjwa, ngingozulazulayo, na? Ngubani okhulise laba na? Bheka, ngasala ngedwa; laba babephi na?’ ”


Bheka, uNkulunkulu uyinsindiso yami; nginethemba, angesabi, ngokuba uJehova, uJehova ungamandla ami nehubo lami, waba yinsindiso yami.”


Amasango alo ayakukhala, alile; liyakuba yize, lihlale emhlabathini.


Kwathi ngaleyo mihla abafundi sebanda, kwavela ukukhonona kubaJuda abakhuluma isiGreki ngamaHeberu ngokuthi abafelokazi bakubo bayancishwa ekwabelweni kwemihla ngemihla.


Wayesesuka uPetru, wahamba nabo. Esefikile, bamyisa ekamelweni eliphezulu; abafelokazi bonke beza kuye bekhala, bembonisa izambatho nezingubo abezenzile uDorka esenabo.


Yena wambamba ngesandla, wamsukumisa. Wayesebiza abangcwele nabafelokazi, wambeka phambi kwabo ephilile.


Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga.


Ngakho-ke kuqala kukho konke ngiyala ukuba ukunxusa, nokukhuleka, nokucela, nokubonga kwenzelwe abantu bonke,


Ngiyambonga uNkulunkulu engimkhonzayo kusukela kokhokho ngonembeza omhlophe, njengalokhu ngikukhumbula ngokungaphezi emikhulekweni yami ubusuku nemini,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite