Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kuThimothewu 5:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Yazisa abafelokazi abangabafelokazi ngoqobo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Hlonipha abafelokazi, abangabafelokazi ngempela.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Hlonipha abafelokazi abangabafelokazi isibili.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Hlonipha abafelokazi abangabafelokazi isibili.

Gade chapit la Kopi




1 kuThimothewu 5:3
28 Referans Kwoze  

“ ‘Makaqalekiswe ophendukezela isahlulelo somfokazi, nesentandane, nesomfelokazi.’ “Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’


Kwathi ngaleyo mihla abafundi sebanda, kwavela ukukhonona kubaJuda abakhuluma isiGreki ngamaHeberu ngokuthi abafelokazi bakubo bayancishwa ekwabelweni kwemihla ngemihla.


nomLevi, lokhu engenasabelo nafa nawe, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi, abangaphakathi kwamasango akho, bayakuza, badle, basuthe ukuba uJehova uNkulunkulu wakho akubusise emsebenzini wonke wesandla sakho owenzayo.


Uyenza ukwahlulela kwezintandane nokomfelokazi, uyathanda umfokazi ngokumnika ukudla nezingubo.


Baziseni bonke, nithande abazalwane; mesabeni uNkulunkulu, niyazise inkosi.


wename ngomkhosi wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi abaphakathi kwamasango akho.


wename phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi ophakathi kwamasango akho, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi abaphakathi kwakho endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.


“Yazisa uyihlo nonyoko, ukuze izinsuku zakho zibe zinde ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.


Kanjalo, madoda, hlalani nabo ngokokwazi, njengalokhu owesifazane eyisitsha esibuthakathaka, nibanike udumo, lokhu beyizindlalifa zomusa wokuphila kanye nani, ukuze imikhuleko yenu ingathiywa.


Ukukhonza okumhlophe okungenabala phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo nokuzigcina kungabi yicala lokwezwe.


singafunanga nokutuswa ngabantu, nakinina nakwabanye,


Wayesesuka uPetru, wahamba nabo. Esefikile, bamyisa ekamelweni eliphezulu; abafelokazi bonke beza kuye bekhala, bembonisa izambatho nezingubo abezenzile uDorka esenabo.


Esesondela esangweni lomuzi, bheka, kwaphunyiswa ofileyo, indodana eyodwa kanina, yena engumfelokazi; nabantu abaningi bomuzi babe naye.


engumfelokazi waze waba neminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nane, engasuki ethempelini, ekhonza ngokuzila nangokukhuleka ubusuku nemini.


“Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu! Ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukungena.


akayikwazisa uyise noma unina; kanjalo nilenze laba yize izwi likaNkulunkulu ngesiko lenu.


Shiya izintandane zakho, mina ngiyakuziphilisa, abafelokazi bakho bethembe kimi.”


UJehova uyalondoloza abafokazi; uyaphasa intandane nomfelokazi; kepha indlela yababi uyayiphambanisa.


Bayabhubhisa umfelokazi nomfokazi, nezintandane bayazibulala.


uyise wezintandane, umahluleli wabafelokazi, uNkulunkulu endlini yakhe engcwele,


“Uma nginqabele abampofu abakufisayo, ngenza amehlo omfelokazi ukuba afiphale,


Isibusiso sobezakubhubha safika phezu kwami; ngenza inhliziyo yomfelokazi ukuba ihube ngokujabula.


abesifazane abadala njengawonyoko, nabesifazane abasha njengawodadewenu ngenhlanzeko epheleleyo.


UJesu wabona uNathanayeli eza kuye, wathi ngaye: “Bheka, umIsrayeli uqobo okungekho nkohliso kuye.”


Yena wambamba ngesandla, wamsukumisa. Wayesebiza abangcwele nabafelokazi, wambeka phambi kwabo ephilile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite