Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kuThimothewu 5:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Icala eliqondene nelunga ungalemukeli, kungekho ofakazi ababili noma abathathu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Ungalemukeli icala elethweswe ilunga kungekho ofakazi ababili noma abathathu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

19 Ungalamukeli ukumangalelwa ngelunga, ngaphandle kofakazi ababili noma abathathu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Ungalamukeli ukumangalelwa ngelunga, ngaphandle kofakazi ababili noma abathathu.

Gade chapit la Kopi




1 kuThimothewu 5:19
14 Referans Kwoze  

Kodwa uma engakuzwa, thatha futhi abe munye noma bebabili kanye nawe ukuba onke amazwi aqiniswe ngomlomo wawofakazi ababili noma abathathu.


“Ufakazi oyedwa nje akayikumvukela umuntu ngobubi, noma ngesono, noma kuyisiphi isono ona ngaso; ngomlomo wawofakazi ababili noma ngomlomo wawofakazi abathathu indaba iyakuqiniswa.


Lokhu kungokwesithathu ngiza kini. “Ngemilomo yawofakazi ababili nabathathu izindaba zonke ziyakuqiniswa.”


uma kukhona ongasolekiyo, indoda emfazi munye, enabantwana abakholwayo abangenakusolwa ngokushinga nabangalaleliyo.


Ngomlomo wawofakazi ababili noma ngowawofakazi abathathu uyakubulawa lowo ofanele ukufa; ngomlomo wofakazi munye akayikubulawa.


Odelele umthetho kaMose uyakufa engahawukelwa ngezwi lawofakazi ababili noma bebathathu;


ngabaphendula ngathi akusiwo umkhuba wamaRoma ukumnikela umuntu omangalelwayo engakamiswa phambi kwabammangalelayo, athole ithuba lokuziphendulela ngecala amangalelwe ngalo.


Yebo, kulotshiwe nasemthethweni wakini ukuthi ubufakazi babantu ababili bungobuqinisileyo.


Bakwenza-ke, bakuthumela emalungeni ngesandla sikaBarnaba noSawulu.


Khona uPilatu waphumela kubo, wathi: “Nimthwesa cala lini lo muntu na?”


Ungasidebeseli isiphiwo esikuwe, owasiphiwa ngezwi lokuprofetha nangokubekwa izandla ngamalunga.


Amalunga aphatha kahle akuthiwe afanele ukutuswa ngokuphindiweyo, ikakhulu lawo akhuthalela izwi nokufundisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite