Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kuThimothewu 5:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Futhi-ke bafunda nokuvilapha, bezula izindlu ngezindlu, bengavilaphi kuphela, kepha behleba, bezigaxa ngokungekwabo, bekhuluma okungafanele.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Phezu kwalokho, bafunda ukuvilapha, baphuma bengena izindlu ngezindlu; abagcini nje ngokuvilapha, kodwa bayahleba, bazigaxe kokungesikho okwabo, bakhulume okungafanele.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Futhi phezu kwalokho bafunda ukuvilapha, bezulazula izindlu ngezindlu; futhi kabayivilaphi kuphela, kodwa futhi izihlebi, nabangena shi, bekhuluma okungafanele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Futhi phezu kwalokho bafunda ukuvilapha, bezulazula izindlu ngezindlu; futhi kabayivilaphi kuphela, kodwa futhi izihlebi, nabangena shi, bekhuluma okungafanele.

Gade chapit la Kopi




1 kuThimothewu 5:13
14 Referans Kwoze  

Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo; ngalokho ungahlangani naye ovula kakhulu umlomo wakhe.


naphakathi kwenu kuzakuvuka amadoda akhuluma okudukisayo, ahunge abafundi ukubalandela.


Uyaqaphela okwenziwayo endlini yakhe, akadli isinkwa sobuvila.


abamelwe ukuthuliswa, abachitha indlu iphela, befundisa okungafanele ngenxa yenzuzo embi.


nokuthi angigwemanga ukunitshela okusizayo nokunifundisa phambi kwabantu nakuzo izindlu ngezindlu,


Hlalani kuleyo ndlu, nidle, niphuze abanipha khona; ngokuba isisebenzi sifanele inkokhelo yaso. Ningangenisi ezindlini ngezindlu.


“ ‘Ungahambahambi ucetheza phakathi kwabantu bakho, ungamelani nokuphila komakhelwane wakho; nginguJehova.


Ngalokho uma ngiza, ngiyakumkhumbuza imisebenzi yakhe ayenzayo, esihleba ngamazwi amabi; futhi enganelisiwe nayilokho akabamukeli abazalwane yena, nabavumayo uyabanqabela, abakhiphe ebandleni.


Ngokuba makungabikho kini ohlupheka ngokuba engumbulali, noma eyisela, noma engowenza okubi, noma engozigaxa ezindabeni zabanye;


emlonyeni munye kuphuma ukubusisa nokuqalekisa. Akufanele, bazalwane bami, ukuba lokho kube kanjalo.


Uyanyakaza engenakuthula; izinyawo zakhe azihlali endlini yakhe;


Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo, kepha othembekile emoyeni uyayisibekela indaba.


banokulahlwa, ngokuba bechithile ukukholwa kwabo kokuqala.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite