Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kuThimothewu 5:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ungayikhaci indoda endala, kodwa yiyale njengoyihlo, namadoda amasha njengabafowenu,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Ungayikhaci indoda endala, kodwa yiyale njengoyihlo, abesilisa abasebasha njengabafowenu,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Umdala ungamkhuzi, kodwa umkhuze njengoyihlo; namasha njengabafowabo;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Umdala ungamkhuzi, kodwa umkhuze njengoyihlo; namasha njengabafowabo;

Gade chapit la Kopi




1 kuThimothewu 5:1
26 Referans Kwoze  

“ ‘Wosukuma phambi kwempunga, uhloniphe ubuso bomuntu omdala, umesabe uNkulunkulu wakho; nginguJehova.


sokuthi: Amadoda amadala mawabe ngazithibayo, azothileyo, aqondileyo, aphilile ekukholweni, nasothandweni, nasekubekezeleni;


Ngakho ngiyawancenga amalunga aphakathi kwenu mina engiyilunga kanye nawo, nofakazi wezinhlupheko zikaKristu, nomhlanganyeli wenkazimulo ezakwambulwa, ngithi:


Bazalwane, uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzibheke wena, funa uyengwe nawe.


Ngokunjalo ubayale abesilisa abasha ukuba babe ngabaqondileyo,


“Kepha nina maningabizwa ngokuthi ‘Rabi’; ngokuba munye umfundisi wenu, nina nonke ningabazalelwane.


Amalunga aphatha kahle akuthiwe afanele ukutuswa ngokuphindiweyo, ikakhulu lawo akhuthalela izwi nokufundisa.


Nikani bonke okubafaneleyo: intela kofanele intela, inkokhiso kofanele inkokhiso, ukwesaba kofanele ukwesatshwa, udumo kofanele udumo.


Sebefikile eJerusalema bamukelwa yibandla nabaphostoli namalunga, bakubika konke uNkulunkulu abekwenzile ngabo.


Sebebakhethele amalunga amabandla ngamabandla, bakhuleka bezila ukudla, babanikela eNkosini asebekholwa yiyo.


Nesihlalo sobukhosi sasihaqiwe yizihlalo zobukhosi ezingamashumi amabili nane, naphezu kwezihlalo zobukhosi kwakuhlezi amalunga angamashumi amabili nane, embethe izingubo ezimhlophe, enemiqhele yegolide emakhanda awo.


Ilunga kuye uGayu othandekayo engimthanda ngeqiniso.


Ilunga kuyo inkosikazi ekhethiweyo nabantwana bayo, engibathanda ngeqiniso, kungeyimi ngedwa kodwa nabo bonke abalaziyo iqiniso,


Kukhona ogulayo phakathi kwenu na? Makabize amalunga ebandla, amkhulekele, amgcobe ngamafutha egameni leNkosi.


Kepha ukuhlakanipha okwaphezulu okokuqala kumhlophe, andukuba kube nokuthula, nokuva, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle; akunakungabaza, akunakuzenzisa.


EseMilethu wathumela e-Efesu, wabiza amalunga ebandla.


Base bebuthana abaphostoli namalunga, ukuze bayihlole leyo ndaba.


owathi ngoyise nangonina: ‘Angibabonanga,’ angabavuma futhi abafowabo, angabazi abantwana bakhe, ngokuba baliqaphele izwi lakho, bagcina isivumelwano sakho.


abesifazane abadala njengawonyoko, nabesifazane abasha njengawodadewenu ngenhlanzeko epheleleyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite