Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kuThimothewu 4:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 benqabela ukuganana, bethi akuzilwe ukudla akudalayo uNkulunkulu ukuba kwamukelwe ngokubonga yibo abakholwayo nabalaziyo iqiniso.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Benqabela ukuganana, bethi akuzilwe ukudla okwadalwa nguNkulunkulu ukuba kwamukelwe, ngokubonga yibo bonke abakholwayo nabalaziyo iqiniso.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Benqabela ukuganana, belaya ukuthi bayeke ukudla, uNkulunkulu akudalela ukuthi kwemukelwe ngokubonga yilabo abakholwayo labalaziyo iqiniso.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Benqabela ukuganana, belaya ukuthi bayeke ukudla, uNkulunkulu akudalela ukuthi kwemukelwe ngokubonga yilabo abakholwayo labalaziyo iqiniso.

Gade chapit la Kopi




1 kuThimothewu 4:3
30 Referans Kwoze  

Ngokuba konke okudalwe nguNkulunkulu kuhle; akulahlwa lutho, uma kwamukelwa ngokubonga,


Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede ungabi nasisihla, ngokuba izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.


Ohlonipha usuku uluhloniphela iNkosi; nodlayo udlela iNkosi, ngokuba ubonga uNkulunkulu; nongadliyo, akadli ngenxa yeNkosi, ubonga uNkulunkulu.


Ngakho makungabikho muntu onilahla ngokudla nesiphuzo, noma ngemikhosi, noma ukwethwasa kwenyanga, noma amasabatha,


Kepha ukudla akusisondezi kuNkulunkulu; ngokuba noma singadli, asilahlekelwa lutho; noma sidla, asizuzi lutho.


Zonke izilwane eziphilayo ziyakuba ngukudla kwenu; ngiyaninika konke kube njengemifino eluhlaza.


Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye.


Kepha-ke uma uganwa, kawoni; nentombi uma igana, kayoni; kepha abanjalo bayakuba nosizi enyameni; kepha mina benginiphephisa.


Odlayo angamdeleli ongadliyo, ongadliyo angamahluleli odlayo, ngokuba uNkulunkulu umamukele.


Ningadukiswa yizifundiso eziyizinhlobonhlobo nezingaziwayo; ngokuba kuhle ukuba inhliziyo iqiniswe ngomusa, kungabi ngokudla, abangasizakalanga ngakho abahamba ngakho.


othanda ukuba abantu bonke basindiswe, bafinyelele ekulazini iqiniso.


Ukudla kungokwesisu, nesisu singesokudla; kepha uNkulunkulu uyakuqeda kokubili. Kepha umzimba asiwo owobufebe, ungoweNkosi, neNkosi ingeyomzimba;


Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awusikho ukudla nokuphuza kepha ungukulunga, nokuthula, nokuthokoza eMoyeni oNgcwele,


wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa nezinhlanzi, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi, abafundi baphakela izixuku.


Bheka, engikubonile mina ukuthi kuhle futhi kumnandi kumuntu kungukudla, nokuphuza, nokubona okuhle kuwo wonke umshikashika wakhe awushikashikayo phansi kwelanga zonke izinsuku zokuphila kwakhe uNkulunkulu amnika zona; ngokuba lokhu kuyisabelo sakhe.


Wayeseyala izixuku ukuba zihlale phansi etshanini, wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wabanika abafundi izinkwa, abafundi baphakela izixuku.


Eseshilo lokho wathatha isinkwa, wabonga uNkulunkulu phambi kwabo bonke, wasihlephula, waqala ukudla.


kodwa eminye imikhunjana evela eTiberiya yafika eduze nendawo lapho badla khona isinkwa, iNkosi ibongile;


Kwathi esehlezi nabo ekudleni, wathabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika.


Ayiyikunakekela onkulunkulu bawoyise nofiswa yisifazane, inganaki nonkulunkulu oyedwa, ngokuba iyakuzikhulisa phezu kwabo bonke.


ekungeneni kwenu emzini niyakumfumana, engakenyukeli endaweni ephakemeyo ukuyokudla; ngokuba abantu abayikudla engakafiki, lokhu nguye obusisa umhlatshelo, andukuba abamenyiweyo badle. Ngalokho-ke, khuphukani manje, ngokuba niyakumfumana ngalesi sikhathi.”


Akusikho okungena emlonyeni okungcolisa umuntu; kepha okuphuma emlonyeni lokhu kungcolisa umuntu.”


Ngakho-ke ngithanda ukuba abafelokazi abasha bagane, bazale abantwana, baphathe indlu yabo, bangasiniki isitha ithuba lokuthuka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite