Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kuThimothewu 4:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 ngokuba sikhandlekela lokho, siyashikashikeka, ngokuba sithembele kuNkulunkulu ophilayo onguMsindisi wabantu bonke, ikakhulu wabakholwayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 ngokuba yilokho esikukhandlekelayo, nesikushikashikelayo; lokhu sithembele kuNkulunkulu ophilayo onguMsindisi wabantu bonke, ikakhulu wabakholwayo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Ngokuba ngalokho siyakhandleka futhi siyathukwa, ngokuba sithembele kuNkulunkulu ophilayo onguMsindisi wabantu bonke, ikakhulukazi wabakholwayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngokuba ngalokho siyakhandleka futhi siyathukwa, ngokuba sithembele kuNkulunkulu ophilayo onguMsindisi wabantu bonke, ikakhulukazi wabakholwayo.

Gade chapit la Kopi




1 kuThimothewu 4:10
40 Referans Kwoze  

othanda ukuba abantu bonke basindiswe, bafinyelele ekulazini iqiniso.


yena uyinhlawulo ngezono zethu, kungengezethu zodwa kodwa nangezezwe lonke.


owazinikela abe yinhlawulo yabo bonke, kube ngubufakazi besikhathi esiyiso,


Ngangomuso wabona uJesu eza kuye, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe.


Thina sibonile, siyafakaza ukuthi uYise wayithuma iNdodana ibe nguMsindisi wezwe.


Base bethi kowesifazane: “Asisakholwa ngokulanda kwakho nje, ngokuba sesizizwele ngokwethu, siyazi ukuthi lo ngempela unguMsindisi wezwe.”


“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ozwa izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade; akayi ekwahlulelweni, kepha usephumile ekufeni, wangena ekuphileni.


Jehova Sebawoti, ubusisiwe umuntu okwethembayo.


Masiphumele kuye ngaphandle kwekamu*, sithwale ihlazo lakhe.


Bheka, uNkulunkulu uyinsindiso yami; nginethemba, angesabi, ngokuba uJehova, uJehova ungamandla ami nehubo lami, waba yinsindiso yami.”


Kuhle ukuphephela kuJehova kunokwethemba umuntu.


Kepha mina nginjengomnqumo oluhlaza endlini kaNkulunkulu; ngithemba umusa kaNkulunkulu njalonjalo kuze kube phakade naphakade.


enikholwa nguNkulunkulu ngaye, owamvusa kwabafileyo nowamnika inkazimulo, ukuze ukukholwa kwenu kube nethemba kuNkulunkulu.


ethi ukuthukwa ngenxa kaKristu kuyimfuyo enkulu kunengcebo yaseGibithe, ngokuba wayebheke umvuzo.


Yala abacebileyo kuleli zwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali, bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha mabathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho,


kepha uma ngilibala, khona uyakwazi ukuthi kumelwe ukuba abantu bahambe kanjani endlini kaNkulunkulu eyibandla likaNkulunkulu ophilayo, insika nesisekelo seqiniso.


Wethembile uNkulunkulu; makamkhulule manje, uma emthanda, ngokuba wathi: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu.’ ”


UJehova muhle, uyinqaba ngosuku lwenhlupheko, uyabazi abaphephela kuye.


UNebukadinesari wakhuluma wathi: “Makabongwe uNkulunkulu wawoShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego, othumile ingelosi yakhe, wakhulula izinceku zakhe ebezimethemba, zaze zaguqula izwi lenkosi, zanikela imizimba yazo ukuba zingakhonzi, zingakhuleki kunkulunkulu noyedwa, uNkulunkulu wabo kuphela.


“Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova, nothemba lakhe linguJehova.


Ngubani phakathi kwenu omesabayo uJehova? Makalilalele izwi lenceku yakhe ehambile ebumnyameni, ethembile egameni likaJehova, noma ingenakukhanya, yencika kuNkulunkulu wakhe.


Mabasho njalo abahlengiweyo bakaJehova, abahlengileyo esandleni sesitha;


UJehova uyabasiza, abakhulule; ubakhulula kwababi, abasindise, ngokuba bayamethemba.


Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulukazi, ukwahlulela kwakho kulutwa olukhulu; usindisa abantu nezilwane, Jehova.


USimoni Petru waphendula wathi: “Wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.”


Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, nomusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kepha akusimina kodwa ngumusa kaNkulunkulu okimi.


owasihlangulisa ekufeni okungaka noyakusihlangulisa, esethemba kuye ukuthi usayakusihlangulisa.


Lokhu kuhle, kuyabongeka emehlweni kaNkulunkulu uMsindisi wethu


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite