Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kuThimothewu 3:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kumelwe futhi ukuba abe nobufakazi obuhle kwabangaphandle, funa ayele esihlambeni nasesihibeni sikaSathane.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Kufanele abe negama elihle kubantu abangesibo abebandla, funa ahlazeke futhi awele esihibeni sikaSathane.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Phezu kwalokho umelwe ukunobufakazi obuhle kwabangaphandle; funa awele esihlazweni nasogibeni lukaSathane.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Phezu kwalokho umelwe ukunobufakazi obuhle kwabangaphandle; funa awele esihlazweni nasogibeni lukaSathane.

Gade chapit la Kopi




1 kuThimothewu 3:7
21 Referans Kwoze  

ngokuba sinakekela okuhle, kungesemehlweni eNkosi kuphela kodwa nasemehlweni abantu.


basanguluke, baphume ogibeni lukaSathane ababanjwe nguye ukuba benze intando yakhe.


Hambani ngokuhlakanipha kubo abangaphandle, nithengisise isikhathi.


Kepha abafuna ukuceba bayela ekulingweni, nasesihibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo, ezishonisa abantu ekufeni nasekubhujisweni.


ukuze nihambe ngokufaneleyo kwabangaphandle, ningasweli lutho.


asibekeli muntu nasinye isikhubekiso nangokukodwa, funa inkonzo yethu isolwe,


Ningakhubekisi nabaJuda, namaGreki, nabandla likaNkulunkulu,


Funani-ke phakathi kwenu bazalwane amadoda ayisikhombisa anodumo oluhle, agcwele uMoya nokuhlakanipha, esingawamisela lowo msebenzi.


ukhulume okuqondileyo okungasolekiyo, ukuze omelana nathi abe namahloni, engenalutho olubi angalukhuluma ngathi.


babe ngabaqondileyo, abamhlophe, abaphatha kahle amakhaya, abamnene, abathobela amadoda abo ukuba izwi likaNkulunkulu lingahlanjalazwa.


dedani kukho konke okubonakala kukubi.


Ngakho-ke ngithanda ukuba abafelokazi abasha bagane, bazale abantwana, baphathe indlu yabo, bangasiniki isitha ithuba lokuthuka.


Ngokuba nginandabani nokwahlulela abangaphandle na? Nani anahluleli abangaphakathi na?


“U-Ananiya othile, indoda ekholwa ngokomthetho, owayefakazelwa yibo bonke abaJuda ababakhile khona,


Bathi: “UKorneliyu induna yekhulu, indoda elungileyo nemesabayo uNkulunkulu, efakazelwa kahle esizweni sonke sabaJuda, uyaliwe yingelosi engcwele ukuba akubizele endlini yakhe, ezwe amazwi kuwe.”


Wathi kubo: “Nina niphiwe imfihlakalo yombuso kaNkulunkulu, kodwa abangaphandle benzelwa konke ngemifanekiso,


Hhayi, madodana ami, akusilo izwi elihle engilizwayo lenekwa ngabantu bakaJehova.


UDemetriyu ufakazelwa yibo bonke nayilo iqiniso uqobo lwalo; nathi-ke siyafakaza ngaye, wazi nawe ukuthi ukufakaza kwethu kuqinisile.


angabi ngosanda kukholwa, funa ngokukhukhumala ayele ekulahlweni kukaSathane.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite