Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kuThimothewu 2:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 othanda ukuba abantu bonke basindiswe, bafinyelele ekulazini iqiniso.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 othanda ukuba bonke abantu basindiswe, bafinyelele ekulazini iqiniso.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Othanda ukuba bonke abantu basindiswe, bafinyelele olwazini lweqiniso.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Othanda ukuba bonke abantu basindiswe, bafinyelele olwazini lweqiniso.

Gade chapit la Kopi




1 kuThimothewu 2:4
32 Referans Kwoze  

Ngokuba angenameli ukufa kofayo, isho iNkosi uJehova; ngalokho buyani, niphile.”


INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye bathi kungukulibala, kepha iyanibekezelela, ingathandi ukuba kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.


Ngiyenamela nokwenamela ukufa komubi yini, isho iNkosi uJehova, kungabi ukuba abuye endleleni yakhe, aphile, na?


Ngokuba umusa kaNkulunkulu wokusindisa ubonakalisiwe kubantu bonke;


Yisho kubo, uthi: ‘Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, angithokozi ngokufa komubi, kuphela ngokubuya komubi endleleni yakhe aze aphile. Buyani, buyani ezindleleni zenu ezimbi; niyakufelani nina ndlu yakwa-Israyeli na?’


ibalaya ngomoya omnene abamelene nayo, kumbe uNkulunkulu angabanika ukuphenduka, baze balazisise iqiniso,


ngokuba sikhandlekela lokho, siyashikashikeka, ngokuba sithembele kuNkulunkulu ophilayo onguMsindisi wabantu bonke, ikakhulu wabakholwayo.


“Phendukelani kini, nisindiswe, nonke nina majukujuku omhlaba, ngokuba nginguNkulunkulu, akakho omunye.


kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema.


Ngase ngibona enye ingelosi indiza emkhathini wezulu, inevangeli eliphakade ilishumayela kwabahlezi emhlabeni, nakuzo zonke izizwe, nemindeni, nezilimi, nabantu,


UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.


ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele,


UPawulu, inceku kaNkulunkulu nomphostoli kaJesu Kristu ngokokukholwa kwabakhethiweyo bakaNkulunkulu nangokokwazi iqiniso elingokokukhonza uNkulunkulu,


“We nina nonke enomileyo, wozani emanzini; nani eningenamali wozani nithenge, nidle; wozani nithenge ngaphandle kwemali, yebo, iwayini nobisi, kungabizwa lutho.


befunda njalo, kepha bengeke bakwazi ukufika ekulazini iqiniso.


“Yathi inkosi encekwini: ‘Phuma uye ezindleleni nasezintangweni, ubacindezele bangene ukuba igcwale indlu yami.


ukunika abantu bayo ukuyazi insindiso ngokuthethelelwa kwezono zabo,


yebo, uthi: “Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami ukuvusa izizwe zakwaJakobe, nokubuyisa abaseleyo bakwa-Israyeli; ngalokho ngiyakukubeka ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso yami kuze kube semkhawulweni womhlaba.”


Bangcwelise ngeqiniso, izwi lakho liyiqiniso.


Konke angipha khona uBaba kuyakuza kimi; ozayo kimi angisoze ngamlahlela ngaphandle.


Wayesethi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo.


Ngokuba uma sona ngamabomu emva kokuba sesamukele ukwazi kweqiniso, akusekho umnikelo ngezono,


Ngokuba umhlaba uyakugcwala ukwazi inkazimulo kaJehova, njengamanzi asibekela ulwandle.


Ngokuhlupheka komphefumulo wayo iyakukubona, yaneliswe. Ngokwazi kwayo inceku yami, elungileyo, iyakulungisisa abaningi, ithwale izono zabo.


ukuba mhlawumbe ngingabavusela umhawu abenyama yami, ngisindise abanye kubo.


Kepha uma ninomhawu obabayo nombango ezinhliziyweni zenu, ningazibongi, ningaliqambeli iqiniso.


Ilunga kuyo inkosikazi ekhethiweyo nabantwana bayo, engibathanda ngeqiniso, kungeyimi ngedwa kodwa nabo bonke abalaziyo iqiniso,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite