Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kuThimothewu 2:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 kepha njengokufanele abesifazane abashoyo ukuthi besaba uNkulunkulu bahlobe ngemisebenzi emihle.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Kepha okufanele abesifazane abathi bayamesaba uNkulunkulu, ukuba bahlobe ngemisebenzi emihle.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Kodwa (okufanele abesifazane abathi besaba uNkulunkulu) benze imisebenzi emihle.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Kodwa (okufanele abesifazane abathi besaba uNkulunkulu) benze imisebenzi emihle.

Gade chapit la Kopi




1 kuThimothewu 2:10
15 Referans Kwoze  

nibe nenkambo enhle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi lapho benihleba ngokungathi ningabenzi bokubi, ngokubona imisebenzi yenu emihle badumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.


Ngiyayazi imisebenzi yakho, nothando, nokukholwa, nokukhonza, nokubekezela kwakho, nokuthi imisebenzi yakho yokugcina miningi kuneyokuqala.


EJopha kwakukhona umfundikazi othile ogama lakhe linguThabitha, okungukuthi uDorka ngokuhunyushwa; yena wayenemisebenzi eminingi emihle nokwabela abampofu izipho.


Muphe ezithelweni zezandla zakhe, izenzo zakhe zimdumise emasangweni.


Njengokuba konke kuyakubhidlika kanjalo, kumelwe ukuba nibe ngabantu abanjani ekuhambeni okungcwele nase kumesabeni uNkulunkulu,


Lithembekile leli zwi. Ngithanda ukuba uqinise impela ngalezo zinto, ukuze abakholwa nguNkulunkulu bakhuthalele ukwenza imisebenzi emihle. Lezo zinto zinhle, zinosizo kubantu;


Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle ayilungisela ngaphambili uNkulunkulu ukuba sihambe kuyo.


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.


Wayesesuka uPetru, wahamba nabo. Esefikile, bamyisa ekamelweni eliphezulu; abafelokazi bonke beza kuye bekhala, bembonisa izambatho nezingubo abezenzile uDorka esenabo.


Amandla nesithunzi kungukwembatha kwakhe; uhleka usuku oluzayo.


Ngokunjalo nabesifazane mabagqoke izingubo ezifaneleyo, bazihlobise ngokuhlonipha nokuqonda, kungabi ngezinwele ezalukiweyo, nangegolide, nangamaparele,* nangezambatho ezinemali eningi,


Owesifazane makafunde ukuthula nokuthobeka konke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite