Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kuThimothewu 1:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 kepha ngahawukelwa ngalokhu ukuze uJesu Kristu abonakalise kimi engingesikhulu konke ukubekezela kwakhe, ngibe yisibonelo kwabazakukholwa nguye, baze babe nokuphila okuphakade.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Kepha ngahawukelwa ngalokhu ukuze uKhristu uJesu akubonakalise kimi engingesikhulu isoni, konke ukubekezela kwakhe, ngibe yisibonelo kulabo abazakukholwa kuye, baze babe nokuphila okuphakade.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Kodwa ngenxa yalokhu ngahawukelwa, ukuze kimi mina engingomkhulu uJesu Kristu abonakalise konke ukubekezela, ngibe yisibonelo kwabazakholwa kuye ekuphileni okuphakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kodwa ngenxa yalokhu ngahawukelwa, ukuze kimi mina engingomkhulu uJesu Kristu abonakalise konke ukubekezela, ngibe yisibonelo kwabazakholwa kuye ekuphileni okuphakade.

Gade chapit la Kopi




1 kuThimothewu 1:16
37 Referans Kwoze  

noma kade ngingohlambalazayo, nozingelayo, nohluphayo; kodwa ngahawukelwa ngokuba ngakwenza ngokungazi, ngokungakholwa.


kuze kuthi ezikhathini ezizayo abonakalise ingcebo enkulu yomusa wakhe ngobubele kithina kuKristu Jesu.


Ngenxa yalokho ngithi kuwe: Izono zakhe eziningi zithethelelwe, ngokuba uthandile kakhulu; kepha othethelelwa okuncane uthanda kancane.”


nithi ukubekezela kweNkosi yethu kungukusindiswa, njengalokho nomzalwane wethu othandekayo uPawulu wanilobela njengokuhlakanipha ayekuphiweyo,


INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye bathi kungukulibala, kepha iyanibekezelela, ingathandi ukuba kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.


Ngenxa yegama lakho, Jehova, ngithethelele ukona kwami, ngokuba kukhulu.


abakade bengalaleli, lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kubalindele ezinsukwini zikaNowa umkhumbi usakhiwa, abasindiswa ngawo abayingcosana, okungukuthi abayisishiyagalombili ngawo amanzi;


Kodwa lezi zilotshiwe ukuba nikholwe ukuthi uJesu unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu, nokuba nikholwe, nibe nokuphila egameni lakhe.


Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade; kepha ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila, kodwa intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.”


Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.


yilowo nalowo okholwayo uyakulungisiswa ngaye.


Odla inyama yami, aphuze igazi lami, unokuphila okuphakade; mina ngiyakumvusa ngomuhla wokuphela.


Ngokuba lokhu kuyintando kaBaba ukuba yilowo nalowo obona iNdodana, akholwe yiyo, abe nokuphila okuphakade; ngiyakumvusa mina ngomuhla wokuphela.”


Omubi makashiye indlela yakhe, nomuntu owenza okubi imicabango yakhe, abuyele kuJehova, uyakuba nomusa kuye, yebo, abuyele kuNkulunkulu wethu, ngokuba uyakwenza ukuthethelela kube kukhulu.


“Mina, mina nginguye owesula iziphambeko zakho ngenxa yami; angiyikukhumbula izono zakho.


“Wozani-ke, sithethe indaba,” usho uJehova; “noma izono zenu zibomvu kakhulu, ziyakuba mhlophe njengeqhwa; noma zibomvu njengokububende, ziyakuba njengoboya bezimvu.


ngakho-ke unamandla okusindisa ngokupheleleyo abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephilela njalo ukubamela.


nxa efika ukuba akhazimuliswe kubo abangcwele bakhe, abe ngomangalisayo kubo bonke abakholwa ngalowo muhla, ngokuba nakholwa ngukufakaza kwethu.


ukuze sibe ludumo lwenkazimulo yakhe, thina esethemba ngaphambili kuKristu;


ukuze kutuswe inkazimulo yomusa wakhe asiphe wona ngesihle ngaye oThandiweyo;


Ngakho lokhu sinale nkonzo, njengokuba sahawukelwa, asidangali,


Ngokuba konke okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela nangenduduzo yemibhalo sibe nethemba.


Konke angipha khona uBaba kuyakuza kimi; ozayo kimi angisoze ngamlahlela ngaphandle.


“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ozwa izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade; akayi ekwahlulelweni, kepha usephumile ekufeni, wangena ekuphileni.


Wathi kuso: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Namuhla uzakuba nami eParadisi.*”


Ngithi kini: Kanjalo kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo.”


Umkhuleko wakhe, nokunxuswa kukaNkulunkulu nguye, nazo zonke izono zakhe, nazo zonke iziphambeko zakhe, nezindawo akha kuzo izindawo eziphakemeyo, amisa kuzo o-Ashera* nezithombe ezibaziweyo, engakazithobi, bheka, lokho kulotshiwe ezindabeni zikaHozayi.


UBileyamu wathi kuBalaki: “Yima ngasemnikelweni wakho wokushiswa, mina ngihambe; mhlawumbe uJehova angafika ukungihlangabeza; konke angitshengisa khona ngiyakukutshela.” Waya edulini elingenalutho.


UMose washesha wakhothamela emhlabathini, wakhuleka.


Kepha maqondana nezintombi anginamyalo weNkosi, kepha nginitshela ukubona kwami njengothembekileyo ngokuhawukelwa yiNkosi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite