Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kaPetru 5:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Yalusani umhlambi kaNkulunkulu ophakathi kwenu, kungabi ngokucindezelwa kodwa ngokwentando kaNkulunkulu, kungabi ngenxa yenzuzo eyihlazo kodwa ngenhliziyo evumayo,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 yelusani umhlambi kaNkulunkulu ophakathi kwenu, ningawuphathi ngokungathi niphoqiwe, kodwa ngokuthanda, njengalokhu uNkulunkulu enza, kungabi ngenxa yenzuzo eyihlazo, kodwa kube ngenhliziyo eshisekelayo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Yalusani umhlambi kaNkulunkulu ophakathi kwenu, niwubheke, kungabi ngokucindezelwa, kodwa ngokuzithandela; kungabi ngenzuzo eyichilo, kodwa ngenhliziyo evumayo;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Yalusani umhlambi kaNkulunkulu ophakathi kwenu, niwubheke, kungabi ngokucindezelwa, kodwa ngokuzithandela; kungabi ngenzuzo eyichilo, kodwa ngenhliziyo evumayo;

Gade chapit la Kopi




1 kaPetru 5:2
41 Referans Kwoze  

Ngokuba umbonisi umelwe ukuba abe ngongasolekiyo njengomphathimuzi kaNkulunkulu, ongaziqhenyi, ongesiso isififane, ongesiso isiphuzi, ongesiso isilwi, ongesiye ohahela inzuzo embi,


Ngokunjalo namadiyakoni* kufanele abe nesizotha, angabi ndimimbili, angabi ngabanaka kakhulu iwayini, angahaheli inzuzo embi,


Bakhumbuze ukuba bathobele ababusi neziphathimandla, balalele, balungele imisebenzi yonke emihle,


ongesilo ixhwele lewayini, ongesiso isilwi, kepha omnene, ongaxabaniyo, onganxaneli imali,


Ngubani oke aye empini ngezakhe izindleko na? Ngubani otshala isivini, angazidli izithelo zaso, na? Ngubani owalusa umhlambi, angadli ubisi lomhlambi, na?


nangokufisa bayakuthengiselana ngani ngamazwi obuqili, abakulahlwa kwabo kwamandulo akulibali nokubhujiswa kwabo akozeli.


niqaphelisise kungabikho osilelayo emseni kaNkulunkulu, funa kumile impande imbe ebabayo, inixobise, kungcoliswe abaningi yiyo,


Nina niyizimvu zami, niyizimvu zedlelo lami; ningabantu, mina nginguNkulunkulu wenu, isho iNkosi uJehova.’ ”


abamelwe ukuthuliswa, abachitha indlu iphela, befundisa okungafanele ngenxa yenzuzo embi.


“Ungesabi, mhlambi omncane; ngokuba kwathandeka kuYihlo ukuninika umbuso.


“Sengathi kungaba khona phakathi kwenu ongavala izicabha, ukuze ningabaseli ize e-altare lami! Angithokozi ngani,” usho uJehova Sebawoti, “angiyikwamukela iminikelo ezandleni zenu.


“Maye kumalusi oyisiwula oshiya izimvu! Inkemba iyakuba sengalweni yakhe nasesweni lakhe lokunene; ingalo yakhe iyakubuna nokubuna, neso lakhe lokunene liyakufiphala nokufiphala.”


Yalusa abantu bakho ngentonga yakho, izimvu zefa lakho ezihlala zodwa ehlathini phakathi kweKarmeli; mazaluke eBashani nakwaGileyadi njengasezinsukwini zasendulo.


Uyakuma, aluse ngamandla kaJehova nangokuphakama kwegama likaJehova uNkulunkulu wakhe; sebeyakuhlala, ngokuba uzakuba mkhulu kuze kube semajukujukwini omhlaba.


elizinhloko zalo zahlulela ngemivuzo, nelibapristi balo bafundisa ngenkokhelo, nelibaprofethi balo babhula ngemali, bencike nokho kuJehova, bethi: “UJehova akaphakathi kwethu na?” Asiyikwehlelwa ngokubi.


Ngiyakumisa umalusi phezu kwazo, azaluse: inceku yami uDavide; uyakuzalusa, abe ngumalusi wazo.


Kepha uma ningalaleli, umphefumulo wami uyakukhala ngasese ngokuzidla kwenu; iso lami liyakukhala nokukhala, limululeka izinyembezi, ngokuba umhlambi kaJehova uthunjiwe.


“Ngokuba kusukela kwabancane babo kuya kwabakhulu babo bayaphanga impango bonke, nabaprofethi nabapristi bonke baqamba amanga.


Abantu bakhe base bekhumbula izinsuku zakuqala zikaMose, bathi: Uphi yena owabakhipha elwandle kanye nabelusi bomhlambi wakhe, na? Uphi yena owabeka uMoya wakhe oNgcwele phakathi kwabo,


Yebo, bayizinja ezihahayo, abakwazi ukusutha; yebo, laba bangabelusi abangenakuqonda, baphendukela bonke ezindleleni zabo, kube yilowo nalowo enzuzweni yakhe, bonke kanyekanye.


Iyakwalusa umhlambi wayo njengomalusi, ibuthe amawundlu ngemikhono yayo, iwagone esifubeni sayo, ihole kahle izindlezane.


Futhi ngezwa izwi leNkosi lithi: “Ngiyakuthuma bani, ngubani oyakusiyela na?” Ngase ngithi: “Bheka, nangu mina; ngithume mina.”


Uma ungakwazi wena muhlekazi phakathi kwabesifazane, phuma uhambe ezinyathelweni zomhlambi, waluse amazinyane akho ngasematendeni abelusi.


kepha ngaphandle kokubona kwakho ngangingathandi ukwenza lutho, ukuze umusa wakho ungabi ngokucindezelwa, kodwa ube ngesihle.


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.


kanjalo mina ngokwami nginesifiso sokushumayela ivangeli nakinina baseRoma.


Khona uPawulu waphendula wathi: “Nenzelani ukukhala nichoboza inhliziyo yami na? Ngokuba sengilungele, kungesikho ukuboshwa kuphela kepha nokufa eJerusalema ngenxa yegama leNkosi uJesu.”


Phakamisani amehlo enu, nibone abavela enyakatho; uphi umhlambi owaphiwa wona, izimvu zakho ezinhle, na?


Ngalokho abafazi babo ngiyakubanika abanye, namasimu abo kwabayakuwadla, ngokuba kusukela kwabancane kuya kwabakhulu bayaphanga impango bonke, nabaprofethi nabapristi bonke baqamba amanga.


Wena namadodana akho kanye nawe niyakugcina ubupristi kukho konke okwe-altare, nakukho konke okuphakathi kwesihenqo; niyakukhonza; ngiyaninika ubupristi njengenkonzo yesipho; umfokazi osondelayo wobulawa.”


Mina ngiyazi ukuthi emva kokumuka kwami kuzakungena kini izimpisi ezihahayo zingawuhawukeli umhlambi,


Kwathi ngomnyaka wamashumi amabili nantathu wenkosi uJehowashi abapristi babengakazilungisi izimfa zendlu.


Wathi kimi: “Nazi izindlu zokuphekela izikhonzi zendlu eziyakuphekela kuzo imihlatshelo yabantu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite