Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kaPetru 5:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKristu, senihluphekile isikhashana, yena uqobo uyakuniphelelisa, aniqinise, aninike amandla, anisekele.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKhristu, emva kokuhlupheka isikhashana, Yena luqobo uyakunihlumelela, anisekele, aniqinise, animise nisimeme.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKristu Jesu, senihluphekile isikhashana, uyakuniphelelisa, aniqinise, aniqinise, anisekele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKristu Jesu, senihluphekile isikhashana, uyakuniphelelisa, aniqinise, aniqinise, anisekele.

Gade chapit la Kopi




1 kaPetru 5:10
39 Referans Kwoze  

Ngokuba usizi lwethu olululana olungolomzuzwana luyasisebenzela isilinganiso esikhulu kakhulu senkazimulo emiyo phakade,


Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa, inilondoloze komubi.


Kepha kuyena onamandla okunilinda ukuba ningakhubeki, nimiswe phambi kwenkazimulo yakhe ningenasici, ninokuthokoza okukhulu,


Noma ngihamba phakathi kwenhlupheko, uyakungiphilisa; uyakwelulela isandla sakho olakeni lwezitha zami, esokunene sakho singisindise.


Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wavuma ukuvuma okuhle phambi kofakazi abaningi.


makaduduze izinhliziyo zenu, aniqinise emisebenzini yonke nasemazwini onke amahle.


Elokugcina, bazalwane, thokozani, nipheleliswe, niduduzwe, nibe nhliziyonye, nibe nokuthula; khona uNkulunkulu wothando nokuthula uyakuba nani.


Uthembekile uNkulunkulu, okungaye nabizelwa ekuhlanganyeleni neNdodana yakhe uJesu Kristu iNkosi yethu.


siniyala, sinimisa isibindi, sifakazela ukuba nihambe ngokufaneleyo phambi kukaNkulunkulu onibizela embusweni nasebukhosini bakhe.


Kuye onamandla okuniqinisa ngokwevangeli lami nentshumayelo kaJesu Kristu, ngokwambulwa kwemfihlakalo eyayifihliwe ngezikhathi zaphakade


Ngiyakubaqinisa kuJehova, bahambe egameni lakhe,” usho uJehova.


“Ngiyakuqinisa indlu yakwaJuda, ngisindise indlu yakwaJosefa, ngibabuyise, ngokuba nginomusa kubo, babe kungathi angizange ngibalahle, ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wabo; ngiyakubezwa.


Njengokuba amandla akhe obuNkulunkulu esinikile konke okuqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu ngokumazi yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe,


kodwa njengowanibizayo engcwele, manibe ngcwele nani ekuhambeni konke,


Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo.


Ngalokho ngiyakhuthazela kukho konke ngenxa yabakhethiweyo, ukuze nabo bazuze insindiso ekuKristu Jesu, kanye nenkazimulo yaphakade.


anibizela kukho ngevangeli lethu, nize nizuze inkazimulo yeNkosi yethu uJesu Kristu.


kepha mina ngikunxusele ukuba ukukholwa kwakho kungapheli; wena-ke, nxa usuphendukile, uqinise abafowenu.”


Ngokuba wena, Nkosi, umuhle, ungothethelelayo, unomusa omkhulu kubo bonke abakhala kuwe.


owasisindisa, wasibiza ngobizo olungcwele, kungengokwemisebenzi yethu kepha ngokwelakhe icebo nomusa, esawuphiwa kuKristu Jesu zingakabikho izikhathi,


Kepha wena Nkosi unguNkulunkulu ohawukelayo, onomusa nokubekezela, uvame ubumnene nokuthembeka.


nigxilile, nakhiwe kuye, niqinisiwe ekukholweni, njengalokho nifundisiwe, nivame ukubonga.


Kepha uNkulunkulu wokubekezela nowenduduzo makaniphe nibe nokuqonda kunye phakathi kwenu ngokukaKristu Jesu,


Yilesi isithembiso yena asethembisa sona: ukuphila okuphakade.


Ngalokho-ke ungumlamuleli wesivumelwano esisha, kuze kuthi ngokufa okungenxa yokukhululwa eziphambekweni zesivumelwano sokuqala ababiziweyo bazuze ifa eliphakade elathenjiswayo.


UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.


ngokuba bengakazalwa, bengakenzi okuhle nokubi, ukuze icebo likaNkulunkulu eliya ngokukhetha lime,


uma umuntu ekhuluma, makakhulume njengokwamazwi kaNkulunkulu; uma umuntu ekhonza, makakhonze ngamandla awanikwa nguNkulunkulu, ukuze uNkulunkulu adunyiswe kukho konke ngoJesu Kristu okukuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.


thina asibizayo nathi, kungesikho kubaJuda kuphela kodwa nakwabezizwe?


Umphefumulo wami uyakhala ngosizi; ngivuse ngokwezwi lakho.


Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume zwilinye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe emqondweni munye nasekuboneni kunye.


nikhonzane, kube yilowo nalowo ngesipho asiphiweyo njengabaphathi abahle bomusa omninginingi kaNkulunkulu;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite