Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kaPetru 4:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Uma olungileyo esindiswa kalukhuni, uyakubonakalaphi ongamesabi uNkulunkulu noyisoni na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 “Uma kunzima ukusindiswa kolungileyo, uyakubonakalaphi ongamesabi uNkulunkulu noyisoni na?”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

18 Uma olungileyo esindiswa kalukhuni, ongamesabi uNkulunkulu nesoni uyakuvelaphi na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Uma olungileyo esindiswa kalukhuni, ongamesabi uNkulunkulu nesoni uyakuvelaphi na?

Gade chapit la Kopi




1 kaPetru 4:18
27 Referans Kwoze  

Bheka, olungileyo uyavuzwa emhlabeni; kakhulu kangakanani omubi nesoni.


“Kepha lapho olungileyo ephenduka ekulungeni kwakhe, enze okubi, enze zonke izinengiso azenzayo omubi, uyakuphila na? Izenzo zakhe ezilungileyo, nesisodwa asenzileyo asiyikukhunjulwa, afele ezeqweni eqe ngazo nasezonweni one ngazo.


“Ngokuba uma benza lokho emthini oluhlaza, kuyakwenziwani kowomileyo.”


ukuze yahlulele bonke, ijezise bonke abangamesabi uNkulunkulu ngenxa yemisebenzi yonke yabo yokungahloniphi uNkulunkulu abadelela ngayo, nangawo onke amazwi alukhuni izoni ezingamesabi uNkulunkulu eziwakhulumile ngaye.”


Ngakho-ke osuka ethi umi, akaqaphele ukuba angawi.


Ngokuba intukuthelo kaNkulunkulu yambulwa ivela ezulwini phezu kwakho konke ukungamesabi uNkulunkulu nokungalungi kwabantu abathiya iqiniso ngokungalungi,


baqinisa imiphefumulo yabafundi bebaluleka ukuba beme ekukholweni, bethi: “Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.”


kepha izulu nomhlaba okukhona manje kubekelelwe umlilo ngalo lona leli zwi, kulindele usuku lokwahlulela nolokubhubha kwabantu abangamesabi uNkulunkulu.


Qondani, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo sifuna esingamgwinya;


kepha uNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela.


Ngiyakungenisa inxenye yesithathu emlilweni, ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva, ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide; bayakubiza igama lami, ngibaphendule, ngithi: ‘Bangabantu bami;’ base bethi: ‘UJehova unguNkulunkulu wami.’ ”


Ngokuba bheka, ngiyaqala ukwenza okubi emzini obizwe ngegama lami; nina beniyakuba ngabangenacala na? Aniyikuba ngabangenacala, ngokuba ngiyakubiza bonke abakhileyo emhlabeni beze enkembeni, usho uJehova Sebawoti.’


Ngakho-ke masesabe ukuba, kuthi kusekhona isithembiso sokungena ekuphumuleni kwakhe, kungabikho noyedwa kini obonakala esele emuva.


Ngokuba sisebuthakathaka, uKristu wafela abangamesabi uNkulunkulu ngesikhathi esifaneleyo;


Kepha abantu baseSodoma babebabi, bengabonayo kakhulu phambi kukaJehova.


yathi: ‘Ungesabi, Pawulu; umelwe ukuma phambi kukaKesari; bheka, uNkulunkulu ukuphile bonke abahamba nawe emkhunjini.’


Kwase kusondela kuye bonke abathelisi nezoni ukumuzwa.


UJehova wakuthuma indlela, wathi: ‘Hamba uqede nya izoni, ama-Amaleki, ulwe nawo aze aphele.’


uPawulu wathi enduneni yekhulu nasemabuthweni: “Uma laba bengahlali emkhunjini, ningesindiswe nina.”


ekwazi lokhu ukuthi umthetho awumiselwe olungileyo, umiselwe abangenamthetho namahlongandlebe, abangamesabi uNkulunkulu nabayizoni abahlazisayo nabadumazayo, nababulali bawonina, nababulala abantu,


Nilahlile, nabulala olungileyo; akamelani nani.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite