Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kaPetru 3:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo, izindlebe zayo zisekunxuseni kwabo, kepha ubuso beNkosi buphezu kwabenza okubi.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo, izindlebe zayo ziyayizwa imikhuleko yabo, kodwa ubuso beNkosi bumelene nabenza okubi.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo, nezindlebe zayo zisemikhulekweni yabo; kepha ubuso beNkosi bumelene nabenza okubi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo, nezindlebe zayo zisemikhulekweni yabo; kepha ubuso beNkosi bumelene nabenza okubi.

Gade chapit la Kopi




1 kaPetru 3:12
21 Referans Kwoze  

Siyazi ukuthi uNkulunkulu akazizwa izoni, kodwa uma umuntu emesaba uNkulunkulu, ayenze intando yakhe, uyamuzwa lowo.


UJehova ukude nababi, kepha uyezwa imikhuleko yabalungileyo.


Amehlo kaJehova asezindaweni zonke; aqaphela ababi nabahle.


Manje amehlo ami ayakuvuleka, izindlebe zami zilalele umkhuleko owenziwa kule ndawo.


Umhlatshelo wababi uyisinengiso kuJehova, kepha umkhuleko wabaqotho uyintokozo yakhe.


Ngokuba amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe namandla kwabanhliziyo yabo iphelele kuye; wenze ngobuwula kule nto, ngokuba kusukela manje uyakuba nokulwa njalo.”


Ngakho, vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu.


Wena ozwayo imikhuleko, beza kuwe bonke abantu.


Ngiyakubhekisa ubuso bami bumelane nabo; baphumile emlilweni, kepha umlilo uyakubaqeda; niyakwazi ukuthi nginguJehova, lapho ngibhekisa ubuso bami bumelane nabo.


izwe elinakekelwa nguJehova uNkulunkulu wakho; amehlo kaJehova uNkulunkulu wakho akulo njalo, kusukela ekuqaleni komnyaka kuze kube sekupheleni komnyaka.


Ushiswe ngumlilo, unqunyiwe; bayakubhubha ngokukhuza kobuso bakho.


Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nani, nibulawe phambi kwezitha zenu; abanizondayo bayakubusa phezu kwenu, nibaleke ningaxoshwa muntu.


Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo, ngokuba unikela ngenzalo yakhe kuMoloki ukungcolisa indlu yami engcwele nokuhlambalaza igama lami elingcwele.


Ngokuba ngibhekise ubuso bami kulo muzi kube kubi, kungabi kuhle, usho uJehova; uyakunikelwa esandleni senkosi yaseBabele, iwushise ngomlilo.’


UJehova usethempelini lakhe elingcwele, uJehova, isihlalo sakhe sobukhosi sisezulwini; amehlo akhe ayabuka, izinkophe zakhe ziyahlola abantwana babantu.


“ ‘Nalowo muntu ophendukela kwabanamadlozi nakubathakathi ukuya kubo ukuba aphinge, ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo.


“ ‘Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli noma owabafokazi abagogobeleyo phakathi kwabo odla igazi noma yiliphi, ngiyakumisa ubuso bami bumelane nalowo muntu odla igazi, ngimnqume kubantu bakubo.


“Ngokuba ngubani oyakudelela usuku lwezinto ezincane, lapho ethokoza lawa mehlo ayisikhombisa kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukubona umthofu wokumisa esandleni sikaZerubabele, na?”


Bheka, iso likaJehova liphezu kwabamesabayo, abathemba umusa wakhe,


“Mthathe, umbheke, ungamenzeli lutho olubi, kepha wenze kuye njengokusho kwakhe kuwe.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite