Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kaPetru 3:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 “Ngokuba osuka ethanda ukuphila nokubona izinsuku ezinhle, makanqande ulimi lwakhe kokubi, nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Umbhalo uthi: “Lowo othanda ukuphila nokubona izinsuku ezinhle makanqande ulimi lwakhe kokubi, nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Ngokuba lowo othanda ukuphila, nokubona izinsuku ezinhle, makabambe ulimi lwakhe kokubi, nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngokuba lowo othanda ukuphila, nokubona izinsuku ezinhle, makabambe ulimi lwakhe kokubi, nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso;

Gade chapit la Kopi




1 kaPetru 3:10
24 Referans Kwoze  

Uma umuntu esho ukuthi uyikholwa, engabophi ulimi lwakhe kungathi ngetomu kodwa ekhohlisa inhliziyo yakhe, ukukhonza kwalowo kuyize.


“Ongenzanga isono, akufunyanwanga nankohliso emlonyeni wakhe,”


Ngakho lahlani ububi bonke, nobuqili bonke, nokuzenzisa, nomhawu, nokuhleba konke;


nasemlonyeni wabo akufunyaniswanga amanga; kabanasici.


UJesu wabona uNathanayeli eza kuye, wathi ngaye: “Bheka, umIsrayeli uqobo okungekho nkohliso kuye.”


Lowo othanda ukuphila kwakhe ulahlekelwa yikho, nozonda ukuphila kwakhe kuleli zwe uyakukulondela ukuphila okuphakade.


Ngokuba ongifumanayo, ufumana ukuphila, azuze umusa kuJehova.


ngokuba iyakwenezela kuwe ubude bezinsuku, neminyaka yokuphila, nokuthula.


Wathi kuye: “Ungibuzelani ngokuhle na? Munye ongomuhle. Kepha uma uthanda ukungena ekuphileni, gcina imiyalelo.”


ngokuba kungukuphila kwabakufumanayo nempilo yomzimba wonke wabo.


Kungumuthi wokuphila kwabakubambayo, nababambelela kukho babusisiwe.


Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami nangenxa yevangeli uyakukusindisa.


nokho uyakuya esizukulwaneni sawoyise; abayikukubona ukukhanya naphakade.


Yeka, uma bengingathembanga ukubona okuhle kukaJehova ezweni labaphilayo!


uhlengile umphefumulo wami ukuba ungadluleli egodini; ngiyakubona ukukhanya ngiphila.’


“Imihla yami iyashesha kunesigijimi; iyabaleka ingabonanga okuhle.


Ngokuba akusiyo into eyize kini; lokho kungukuphila kwenu, nangale nto niyakuzandisa izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani ukuba ningene kulo ukulidla.”


Ngaphenya enhliziyweni yami ukuba ngiyakuthokozisa kanjani umzimba wami ngewayini, inhliziyo ingihole nokho ngokuhlakanipha, nokuba ngibambe ubuwula, ngize ngibone ukuthi kuyini okuhle kumadodana abantu ukuba akwenze phansi kwezulu ezinsukwini zonke zokuphila kwawo.


ukuze ngibone inhlanhla yabakhethiweyo bakho, ngithokoze ngentokozo yesizwe sakho, ngizibonge kanye nefa lakho.


USathane wamphendula uJehova, wathi: “Isikhumba ngesikhumba, yebo, konke umuntu anakho uyakunika ngokuphila kwakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite