Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kaPetru 3:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kanjalo, bafazi, thobelani amadoda enu, ukuze kuthi, uma ekhona ongakholwa yizwi, azuzwe ngaphandle kwezwi ngenkambo yabafazi bawo,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Kanjalo bafazi, thobelani amadoda enu ukuze kuthi uma kukhona amadoda angalilaleli izwi, azuzeke ngenxa yokuziphatha kahle kwabafazi bawo, ngaphandle kwezwi;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Ngokunjalo, bafazi, thobelani amadoda enu; ukuze kuthi, uma bekhona abangalilaleli izwi, bazuzwe ngaphandle kwezwi ngenkambo yabafazi;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngokunjalo, bafazi, thobelani amadoda enu; ukuze kuthi, uma bekhona abangalilaleli izwi, bazuzwe ngaphandle kwezwi ngenkambo yabafazi;

Gade chapit la Kopi




1 kaPetru 3:1
26 Referans Kwoze  

Bafazi, thobelani amadoda enu njengokufanele eNkosini.


Nani-ke, yilowo nalowo makathande umkakhe njengokuba ezithanda yena, kepha umfazi makahloniphe indoda yakhe.


Kepha-ke ngithanda ukuba nazi ukuthi inhloko yawo onke amadoda inguKristu, nenhloko yowesifazane iyindoda, nenhloko kaKristu inguNkulunkulu.


Ngokuba wena mfazi, wazi ngani ukuthi ungeyisindise indoda yakho? Nawe ndoda, wazi ngani ukuthi ungemsindise umkakho na?


Wathi kowesifazane: “Ngizakukubangela ubuhlungu obukhulu ekukhulelweni kwakho; uyakubeletha abantwana ngobuhlungu. Ukunxanela kwakho kuyakuba sendodeni yakho; yona iyakukubusa.”


Kanjalo, madoda, hlalani nabo ngokokwazi, njengalokhu owesifazane eyisitsha esibuthakathaka, nibanike udumo, lokhu beyizindlalifa zomusa wokuphila kanye nani, ukuze imikhuleko yenu ingathiywa.


Ngokuba owesifazane oganileyo uboshelwe ngomthetho endodeni isekhona; kepha nxa indoda isifile, ukhululiwe emthethweni wendoda.


abesifazane mabathule emabandleni; ngokuba kabavunyelwe ukuba bakhulume, kepha mabazithobe, njengokuba usho njalo nomthetho.


“Kepha uma umfowenu ekona, hamba umsole ninodwa naye. Uma ekuzwa, woba umzuzile umfowenu.


Hambani ngokuhlakanipha kubo abangaphandle, nithengisise isikhathi.


Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa lakhe; waphuma engazi lapho eya khona.


elangabini lomlilo, ephindisela kwabangamazi uNkulunkulu nakwabangalaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu,


Kepha makabongwe uNkulunkulu ukuthi nina enaniyizinceku zesono senilalela ngenhliziyo indlela yesifundiso enanikelwa kuyo


Umzalwane owoniweyo ulukhuni kunomuzi onamandla, nokuxabana kunjengemigoqo yenqaba.


Isithelo solungileyo singumuthi wokuphila, nohlakaniphileyo uyazuza imiphefumulo.


Ngokuba sekuyisikhathi sokuba ukwahlulela kuqale endlini kaNkulunkulu; kepha uma kuthathela kithina, kuyakuba yini ukuphela kwabangalaleli ivangeli likaNkulunkulu na?


Senihlambululile imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso, nize nithande abazalwane ngokungazenzisi, thandanani ngokupheleleyo omunye nomunye ngenhliziyo,


esephelelisiwe waba yisisusa sokusindiswa okuphakade kubo bonke abamlalelayo,


Kodwa abalilalelanga bonke ivangeli. Ngokuba u-Isaya uthi: “Nkosi, ngubani owakholwa ngesikuzwileyo na?”


ebona inkambo yenu emhlophe esekwesabeni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite