Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kaPetru 2:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 ngokuba beninjengezimvu ezidukileyo, kodwa manje seniphendukele kuMalusi noMbonisi wemiphefumulo yenu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 ngokuba naninjengezimvu ezidukileyo, kodwa manje senibuyele kumelusi nomphathi wemiphefumulo yenu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

25 Ngokuba naninjengezimvu ezidukayo; kodwa manje selibuyele kuMalusi noMbonisi wemiphefumulo yenu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Ngokuba naninjengezimvu ezidukayo; kodwa manje selibuyele kuMalusi noMbonisi wemiphefumulo yenu.

Gade chapit la Kopi




1 kaPetru 2:25
24 Referans Kwoze  

Thina sonke sidukile njengezimvu; yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe; uJehova wehlisela phezu kwayo ububi bethu sonke.


Izimvu zami zazulazula kuzo zonke izintaba nakuwo onke amagquma aphakemeyo, yebo, izimvu zami zazihlakazekele ebusweni bonke bomhlaba, akwabakho ozifunayo nozicingayo.


Ziqapheleni nina nomhlambi wonke anibeke kuwo uMoya oNgcwele ukuba nibe ngababonisi bokwalusa ibandla likaNkulunkulu azizuzele lona ngegazi lakhe.


Iyakwalusa umhlambi wayo njengomalusi, ibuthe amawundlu ngemikhono yayo, iwagone esifubeni sayo, ihole kahle izindlezane.


Ngiyaduka njengemvu elahlekileyo; funa inceku yakho, ngokuba angikhohlwa imiyalo yakho.


Kepha ebona izixuku wabanesihe ngazo, ngokuba zazikhathazekile, zihlakazekile njengezimvu ezingenamalusi.


“Nithini na? Uma umuntu enezimvu eziyikhulu, kuduke enye kuzo, akazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ezintabeni, ahambe ayofuna edukileyo, na?


kuyakuthi, nxa esebonakaliswa uMalusi omkhulu, niyakuzuza umqhele wenkazimulo ongabuniyo.


Kepha uNkulunkulu wokuthula owakhuphula kwabafileyo umalusi omkhulu wezimvu ngegazi lesivumelwano esimiyo njalo, iNkosi yethu uJesu,


Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngabelusi abelusa abantu bami, uthi: “Nihlakazile izimvu zami, nazixosha, anizihambelanga. Bhekani, ngiyakuhambela ububi bezenzo zenu kini,” usho uJehova.


Ngakho-ke, bazalwane abangcwele, enihlanganyela ukubiza kwasezulwini, qaphelani umPhostoli nomPristi omkhulu wesivumo sethu uJesu,


“ ‘Inceku yami uDavide iyakuba yinkosi phezu kwabo, kube ngumalusi munye kubo bonke; bayakuhamba ezahlulelweni zami, bagcine izimiso zami, bazenze.


Yizwa, malusi ka-Israyeli, ohola uJosefa njengomhlambi, ohlezi phezu kwamakherubi;* mawubonakale ngokukhazimula.


“Vuka, nkemba, uvukele umalusi wami, uvukele umuntu ongumngane wami,” usho uJehova Sebawoti. “Shaya umalusi, zize zihlakazeke izimvu, bese ngiphendulela abancane isandla sami.


Kuyakuthi njengensephe exoshwayo nezimvu ezingaqoqwa muntu, baphendukele, kube yilowo nalowo kubantu bakubo, babalekele, kube yilowo ezweni lakubo.


Yebo, yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu, yachotshozwa ngobubi bethu; isijeziso sasiphezu kwayo ukuba sibe nokuthula, nangemivimbo yayo siphilisiwe thina.


angabekezelela abangazi lutho nabadukayo, lokhu naye uzungeziwe ngubuthakathaka;


abakade bengalaleli, lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kubalindele ezinsukwini zikaNowa umkhumbi usakhiwa, abasindiswa ngawo abayingcosana, okungukuthi abayisishiyagalombili ngawo amanzi;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite