Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kaPetru 2:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni siphile ekulungeni, oyena imivimbo yakhe naphulukiswa ngayo;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

24 owathwala izono zethu emzimbeni wakhe, emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni, siphile ekulungeni. Ngemivimbo yakhe naphiliswa,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

24 yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze thina sesifile ezonweni siphile ekulungeni, omivimbo yakhe naphulukiswa ngayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze thina sesifile ezonweni siphile ekulungeni, omivimbo yakhe naphulukiswa ngayo.

Gade chapit la Kopi




1 kaPetru 2:24
50 Referans Kwoze  

ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi ukuthi: “Yena wabetshatha ubuthakathaka bethu, wathwala izifo zethu.”


Kanjalo nani manizisho ukuthi ningabafileyo maqondana nesono, kodwa niphilele uNkulunkulu kuKristu Jesu.


Phakathi kwesitaladi sawo nomfula emaceleni omabili kukhona umuthi wokuphila, uthela izithelo eziyishumi nambili, uthela izithelo zawo izinyanga ngezinyanga, namaqabunga omuthi angawokuphulukisa izizwe.


Uma nazi ukuthi ulungile, yazini ukuthi yilowo nalowo owenza ukulunga uzelwe nguye.


Ngakho, vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu.


kunjalo noKristu, esenikelwe kanye ukuba athwale izono zabaningi, uyakubonakala ngokwesibili ngaphandle kwesono kulabo abamlindeleyo, kube ngukusindiswa.


UKristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho, ebenziwe isiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalenga emthini,”


Qha nakanye. Thina esafa maqondana nesono singabuye sihambe kanjani kuso na?


Ngokuhlupheka komphefumulo wayo iyakukubona, yaneliswe. Ngokwazi kwayo inceku yami, elungileyo, iyakulungisisa abaningi, ithwale izono zabo.


Ngokuba nafa, ukuphila kwenu kufihliwe noKristu kuNkulunkulu;


futhi ninganikeli izitho zenu esonweni, zibe yizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo bevukile kwabafileyo nezitho zenu kuNkulunkulu, zibe yizikhali zokulunga,


Ngangomuso wabona uJesu eza kuye, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe.


kepha kalokhu sikhululiwe emthethweni, sifile maqondana nalokho esasibanjwa yikho ukuba sikhonze emoyeni omusha, kungesegameni elidala.


Bantwanyana, maningadukiswa muntu; owenza ukulunga ulungile, njengokuba yena elungile;


Uyaphilisa abenhliziyo echobozekileyo; izilonda zabo uyazibopha.


ngokuba ofileyo ukhululiwe esonweni.


Anazi yini ukuthi lowo enizinikela kuye ukuba nibe yizinceku zokumlalela, niyizinceku zakhe enimlalelayo, noma ezesono kube ngukufa noma ezokulalela kube ngukulunga, na?


“Ngakho-ke phumani phakathi kwabo, nahlukane nabo, isho iNkosi; ningathinti okungcolileyo; khona ngiyakunamukela,


UNkulunkulu wawobaba wamvusa uJesu enambulala nina ngokumphanyeka emthini;


“UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu, ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokubona kwabayizimpumputhe, nokuhlenga abacindezelweyo,


Ngokuba ngithi kini: Uma ukulunga kwenu kungadluli okwababhali nokwabaFarisi, anisoze nangena embusweni wezulu.


Kepha kinina enilesabayo igama lami kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo; niyakuphuma, nitshekule njengamathole esibaya.


nenzele izinyawo zenu izindlela eziqondileyo ukuba okuqhugayo kungaphinyizeki, kepha kunalokho kuphulukiswe.


Kwathi sebefeze konke okwakulotshiwe ngaye, bamehlisa emthini, bambeka ethuneni.


kodwa ezizweni zonke omesabayo nowenza ukulunga uyamukeleka kuye.


Ngokuba umpristi omkhulu onjalo usifanele thina, ongcwele, ongenacala, ongenabala, owahlukanisiwe nezoni, owenziwa aphakame phezu kwamazulu,


Uma nifile kanye noKristu nakhululwa ezifundisweni zokucathula kwezwe, yini ukuba okungathi nisaphila ngokwezwe nithobele izifundiso zokuthi:


Kepha manje, senikhululiwe esonweni naba ngabakhonza uNkulunkulu, ninazo izithelo zenu kube ngukungcweliswa nasekugcineni ukuphila okuphakade.


“Nathi singofakazi bezinto zonke azenzayo ezweni labaJuda naseJerusalema yena abambulalayo bemphanyeka emthini.


Wayesebakhululela uBaraba, kepha wamshaya uJesu, wamnikela ukuba abethelwe esiphambanweni.


Ngokuba iziphambeko zami zeqile phezu kwekhanda lami; njengomthwalo osindayo ziyangisinda.


impongo ithwale ububi babo bonke, iye nabo kwahlongasibi, bayiyeke impongo ehlane.


Uyakuba sebunzini lika-Aroni, u-Aroni athwale ububi bezinto ezingcwele, abantwana bakwa-Israyeli abayakuzingcwelisa, zibe yizipho zabo ezingcwele; uyakuba sebunzini lakhe njalo ukuba bamukeleke ebusweni bukaJehova.


ngokuba izithelo zokukhanya zisebuhleni bonke nasekulungeni naseqinisweni,


UPilatu wayesemthatha uJesu, wamshaya.


Abantwana bakwa-Israyeli mabangabe besasondela etendeni lokuhlangana, funa bathwale isono, bafe.


“ ‘Ngalokho abogcina isiyalezo sami, funa babe nesono ngaso, bafele kuso, uma besihlambalaza, nginguJehova obangcwelisayo.


nigcwaliswe ngezithelo zokulunga ezingaye uJesu Kristu, kube yinkazimulo nodumo kuNkulunkulu.


Khona uPilatu ethanda ukudelisa isixuku wasikhululela uBaraba, kepha wamshaya uJesu, wamnikela ukuba abethelwe esiphambanweni.


Imivimbo elimazayo ihlanza ububi, nezishayo okuphakathi komuntu.


Ngokuba okokuqala nganinika lokho engakwamukela nami ukuthi uKristu wafa ngenxa yezono zethu njengokwemibhalo,


esehlangule incwadi yecala lethu, emelana nathi ngemiyalo yayo, wayeyisusa ngokuyibethela esiphambanweni;


Ngalokho-ke esefika ezweni uthi: “Umhlatshelo nomnikelo awuwuthandanga, kodwa ungilungisele umzimba.


Ngaleyo ntando singcwelisiwe ngokunikelwa komzimba kaJesu Kristu kanye kuphela.


U-Abrahama wathatha izinkuni zomnikelo obuzakushiswa, wazibeka phezu kuka-Isaka indodana yakhe, waphatha esandleni sakhe umlilo nomese; bahamba bobabili kanyekanye.


neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite