Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kaPetru 2:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Baziseni bonke, nithande abazalwane; mesabeni uNkulunkulu, niyazise inkosi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Bahlonipheni bonke, nibathande abazalwane, nesabe uNkulunkulu, futhi niyihloniphe inkosi.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Hloniphani abantu bonke. Thandani ubuzalwane. Mesabeni uNkulunkulu. Hlonipha inkosi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Hloniphani abantu bonke. Thandani ubuzalwane. Mesabeni uNkulunkulu. Hlonipha inkosi.

Gade chapit la Kopi




1 kaPetru 2:17
25 Referans Kwoze  

Ndodana yami, yesaba uJehova nenkosi, ungahlangani nabahlubukayo.


thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane; ekwazisaneni nandulelane;


Nikani bonke okubafaneleyo: intela kofanele intela, inkokhiso kofanele inkokhiso, ukwesaba kofanele ukwesatshwa, udumo kofanele udumo.


Ngokunjalo, nina basha, thobelani amalunga; kepha nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.


Malume njalo uthando lobuzalwane.


ningenzi lutho ngombango nangodumo lwezwe; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani,


Senihlambululile imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso, nize nithande abazalwane ngokungazenzisi, thandanani ngokupheleleyo omunye nomunye ngenhliziyo,


“Yazisa uyihlo nonyoko, ukuze izinsuku zakho zibe zinde ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.


Bonke abayizigqila phansi kwejoka mabathi abanumzane babo bafanele ukutuswa impela, ukuze igama likaNkulunkulu nesifundiso kungahlanjalazwa.


Lokhu sinalezo zithembiso, bathandwa, masizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokumesaba uNkulunkulu.


“ ‘Wosukuma phambi kwempunga, uhloniphe ubuso bomuntu omdala, umesabe uNkulunkulu wakho; nginguJehova.


Bathi: “NgokaKesari.” Khona wathi kubo: “Ngakho-ke nikani uKesari okukaKesari noNkulunkulu okukaNkulunkulu.”


Ngithi: Gcina izwi lenkosi ngenxa yesifungo ngoNkulunkulu.


nithobelane ngokumesaba uKristu.


Inhliziyo yakho mayingabi namhawu ngezoni, kepha mawube sekumesabeni uJehova usuku lonke.


Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha; iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa.


Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha; banengqondo enhle bonke abakwenzayo. Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade.


UDavide wathi kulo lonke ibandla: “Ake nibonge uJehova uNkulunkulu wenu.” Lonke ibandla lambonga uJehova uNkulunkulu wawoyise, lakhothama, lakhuleka kuJehova nasenkosini.


Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.”


Wayesethi: “Ngonile, kepha ake ungituse manje phambi kwamalunga abantu bami naphambi kuka-Israyeli, ubuye nami ukuba ngikhuleke kuJehova uNkulunkulu wakho.”


Wayesethi kubo uJosefa ngosuku lwesithathu: “Yenzani lokhu, niphile, ngokuba ngiyamesaba uNkulunkulu.


Yayisithi: “Ungabeki isandla sakho kumfana, ungenzi lutho kuye, ngokuba ngiyazi manje ukuthi uyamesaba uNkulunkulu, lokhu ungagodlanga kimi nandodana eyodwa yakho.”


U-Abrahama wathi: “Ngokuba bengithi: Impela ukumesaba uNkulunkulu akukho kule ndawo; bayakungibulala ngenxa yomkami.


Ngase ngiyinqamula intonga yami yesibili, uZibopho, ukuba ngaphule ubuzalwane phakathi kukaJuda no-Israyeli.


Thobelani izimiso zonke zabantu ngenxa yeNkosi, nokuba kuyinkosi njengokuba ingomkhulu,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite