Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kaPetru 2:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 nibe nenkambo enhle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi lapho benihleba ngokungathi ningabenzi bokubi, ngokubona imisebenzi yenu emihle badumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Ziphatheni kahle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi lapho beninyembenya ngokuthi ningabenzi bokubi, kodwa kuthi lapho bebona imisebenzi yenu emihle, bamdumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 nibe nenkambo enhle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi, benihleba ngathi ningabenzi bokubi, babone imisebenzi yenu emihle abayoyibona, badumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 nibe nenkambo enhle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi, benihleba ngathi ningabenzi bokubi, babone imisebenzi yenu emihle abayoyibona, badumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.

Gade chapit la Kopi




1 kaPetru 2:12
46 Referans Kwoze  

kodwa kube ngobumnene nangokwesaba, nibe nonembeza omuhle, ukuze kuthi kulokho abanihleba ngakho bajabhiswe labo abathuka ukuhamba kwenu okuhle kuKristu.


Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.


ngokuba sinakekela okuhle, kungesemehlweni eNkosi kuphela kodwa nasemehlweni abantu.


ukuze nihambe ngokufaneleyo kwabangaphandle, ningasweli lutho.


Makungabikho muntu odelela ubusha bakho, kepha yiba yisibonelo kwabakholwayo ngezwi, nangenkambo, nangothando, nangokukholwa, nangokuhlanzeka.


Ngubani ohlakaniphileyo nowaziyo phakathi kwenu na? Makakhombise ngenkambo enhle imisebenzi yakhe ngobumnene bokuhlakanipha.


Kuphela hambani ngokufanele ivangeli likaKristu, kuze kuthi, noma ngiza nginibona noma ngingekho, ngizwe izindaba zenu zokuthi nimi niqinile emoyeni munye, nangomphefumulo munye nilwela inkolo yevangeli,


Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu, okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sahamba ezweni kakhulu maqondana nani ngobungcwele nangobuqotho bukaNkulunkulu, kungengokuhlakanipha kwenyama kodwa ngomusa kaNkulunkulu.


Njengokuba konke kuyakubhidlika kanjalo, kumelwe ukuba nibe ngabantu abanjani ekuhambeni okungcwele nase kumesabeni uNkulunkulu,


Asihambe ngokufaneleyo njengasemini, kungabi ngokuminza nokudakwa, kungabi ngobufebe namanyala, kungabi ngokuxabana nomhawu;


Ningaphindiseli muntu okubi ngokubi; nakani okuhle phambi kwabantu bonke;


Sikhulekeleni, ngokuba siyethemba ukuthi sinonembeza omuhle, sithanda ukuhamba kahle ezintweni zonke.


amakhosi nabo bonke abakhulu, ukuze sihlale kahle nangokuthula, ngokumesaba uNkulunkulu nangesizotha esipheleleyo.


Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho;


ukuba nikhumule umuntu omdala ongowenkambo yokuqala, owonakala ngezinkanuko zenkohliso,


Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa; oqaphela indlela yakhe ngiyakumbonisa insindiso kaNkulunkulu.”


Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa imali; yaneliswani ngeninakho; ngokuba yena ushilo wathi: “Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya,”


abezizwe bamdumise uNkulunkulu ngenxa yesihawu sakhe, njengalokho kulotshiwe ukuthi: “Ngalokho ngiyakukudumisa phakathi kwabezizwe, ngihubele igama lakho;”


zikuwise phansi, wena nabantwana abakuwe, zingashiyi itshe phezu kwetshe phakathi kwakho, ngokuba ungasazanga isikhathi sokuhanjelwa kwakho.”


Kumanele umfundi abe njengomfundisi wakhe, nenceku ibe njengenkosi yayo. Uma bebizile umninindlu ngokuthi uBelzebule, kakhulu abendlu yakhe.


“Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami.


uma umuntu ekhuluma, makakhulume njengokwamazwi kaNkulunkulu; uma umuntu ekhonza, makakhonze ngamandla awanikwa nguNkulunkulu, ukuze uNkulunkulu adunyiswe kukho konke ngoJesu Kristu okukuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.


Niyakwenze njani ngosuku lokuhanjelwa nasekuchithakaleni okuvela kude na? Niyakubalekela kubani ukuba nisizwe na? Niyakushiya kubani imfuyo yenu na?


Ababi bahosha inkemba, bansale umnsalo wabo ukuba bamwise phansi ohluphekileyo nompofu, babulale abandlela ilungile.


esasikade sihamba phakathi kwabo sonke ezinkanukweni zenyama yethu, senza intando yenyama neyengqondo; ngemvelo sasingabantwana bolaka njengabo abanye.


Siyakhuleka kuNkulunkulu ukuba ningenzi lutho olubi, angisho ukuze sibonakale thina singabavunyiweyo kepha ukuba nina nikwenze okuhle, noma thina singaba njengabaliwayo.


okufihliweyo kwenhliziyo yakhe kuyadalulwa; njalo uyakuwa ngobuso, akhuleke kuNkulunkulu, aqinise athi: “Impela uNkulunkulu ukhona phakathi kwenu.”


futhi bangekuqinise kuwe lokhu abangibeka icala ngakho manje.


USimeyoni uselandile ngokuhlela kukaNkulunkulu ekuqaleni ukuba athathele igama lakhe isizwe kubo abezizwe.


Nibusisiwe, nxa abantu benizonda nanxa benicwasa, benithuka, belilahla igama lenu ngokungathi libi ngenxa yeNdodana yomuntu.


“Mayibongwe iNkosi, uNkulunkulu ka-Israyeli, ngokuba ibahambele abantu bayo, yabenzela inkululeko.


Kepha izixuku zikubona zethuka, zamdumisa uNkulunkulu onikile abantu amandla anjalo.


Esefikile yena, abaJuda ababehlile eJerusalema bema bemhaqile, bembeka amacala amaningi anzima, abangenakuwaqinisa,


Khona abongameli nezikhulu base befuna ukuthola utho ngoDaniyeli oluqondene nombuso, kepha abatholanga lutho nacala kuye, ngokuba wayethembekile; akutholwanga siphosiso nacala kuye.


Ngakho esephumile, uJesu wathi: “Kalokhu iNdodana yomuntu ikhazimulisiwe, noNkulunkulu ukhazimulisiwe kuyo.


Kepha sithi kufanele sizwe kuwe okucabangayo, ngokuba siyazi ngaleli hlelo ukuthi liyaphikiswa ezindaweni zonke.”


ngokuba okhonza uKristu kulokhu uthandekile kuNkulunkulu, ukholekile kubantu.


ebongwa ngemisebenzi emihle, uma ondlile abantwana, uma engenisile izihambi, uma egezile izinyawo zabangcwele, uma esizile abahluphekayo, uma ekhuthalele umsebenzi wonke omuhle.


ngokuba injalo intando kaNkulunkulu ukuba ngokwenza okuhle nithulise ukungazi kwabantu abayiziwula


Walala ngasezinyaweni zakhe kwaze kwasa, wavuka bengakazani. Ngokuba yathi: “Makungaziwa ukuthi owesifazane wafika esibuyeni.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite