Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kaPetru 1:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 owaziwa phakade, izwe lingakasekelwa, kepha wabonakaliswa ngezikhathi zokugcina ngenxa yenu

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 Wakhethwa umhlaba ungakasekelwa, kodwa wabonakaliswa ngezikhathi zokugcina ngenxa yenu,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

20 owamiselwa ngaphambili ngaphambi kokusekelwa kwezwe, kodwa wabonakaliswa kulezikhathi zokugcina ngenxa yenu;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Owamiselwa ngaphambili ngaphambi kokusekelwa kwezwe, kodwa wabonakaliswa kulezikhathi zokugcina ngenxa yenu;

Gade chapit la Kopi




1 kaPetru 1:20
27 Referans Kwoze  

njengalokho asikhethela kuye ngothando ngaphambi kokusekelwa kwezwe ukuba sibe ngcwele, singabi nakusolwa phambi kwakhe;


uma kwakunjalo wayemelwe ukuhlupheka kaningi selokhu kwasekelwa izwe; kodwa kalokhu ubonakalisiwe kanye ekupheleni kwezikhathi ukuba asuse izono ngokuzinikela kwakhe.


Bayakhuleka kuso bonke abakhileyo emhlabeni, wonke ogama lakhe lingalotshwanga encwadini yokuphila yeWundlu elihlatshiweyo, selokhu kwasekelwa umhlaba.


ekugcineni kwale mihla ukhulume kithina ngeNdodana ayimise ibe yindlalifa yakho konke, owadala ngayo futhi izwe.


ngisho imfihlakalo ebifihlakele selokhu kwaqala izikhathi nezizukulwane, kepha kalokhu yambuliwe kwabangcwele bakhe;


ngokwecebo laphakade alenza ngoKristu Jesu iNkosi yethu;


nokubakhanyisela ukuthi luyini uhlelo lwemfihlakalo ebifihliwe kwaphakade kuNkulunkulu owadala izinto zonke,


kepha lapho sekufikile ukuphelela kwesikhathi, uNkulunkulu wathuma iNdodana yakhe, izelwe ngowesifazane, izelwe phansi komthetho,


“Kepha wena Betlehema Efratha, omncane ukuba ube phakathi kwemindeni yakwaJuda, ngiyakuphunyelwa ngovela kuwe, ozakuba ngumbusi kwa-Israyeli, okuvela kwakhe kusukela endulo ezinsukwini zaphakade.”


lokho kuphila kwabonakaliswa, sakubona, siyaqinisa sinishumayeza lokho kuphila okuphakade okwakukhona kuYise, kwabonakaliswa kithina –


kuze kube yihlelo lokuphelela kwezikhathi lokuba kuhlanganiselwe ndawonye kuKristu konke okusezulwini nokusemhlabeni;


Ngamiswa kwaphakade kwasekuqaleni, umhlaba ungakabikho.


ammisileyo uNkulunkulu abe yinhlawulo ngokukholwa egazini lakhe, kubonakaliswe ukulunga kwakhe ngokuyekelwa kwezono ezenziwe ngaphambili


Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.”


owenza isono ungokaSathane, ngokuba uSathane uyona kwasekuqaleni. INdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa ngalokhu, ukuze ichithe imisebenzi kaSathane.


Senazi ukuthi yena wabonakaliswa, ukuze asuse izono; akukho sono kuye.


“Khona iNkosi izakuthi kwabangakwesokunene sayo: ‘Zanini nina enibusisiwe nguBaba, nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba.


yena lo, esenikelwe ngesu elimisiweyo nangokwaziphambili kukaNkulunkulu, nambethela ngezandla zabangenamthetho, nambulala;


Ngokuba labo ayebazi ngaphambili wabamisa ngaphambili, bafane nesimo seNdodana yakhe, ukuze yona ibe yizibulo phakathi kwabazalwane abaningi;


Kuvunyiwe ukuthi inkulu imfihlakalo yokukhonza uNkulunkulu yokuthi: Owabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa ezizweni, wakholeka ezweni, waphakanyiselwa enkazimulweni.


Ngakho-ke njengokuba abantwana bahlanganyela igazi nenyama, naye uqobo wahlanganyela khona lokho, ukuze ngokufa amchithe obe nawo amandla okufa onguSathane,


bekhethiwe ngokwaziphambili kukaNkulunkulu uYise ngokungcwelisa kukaMoya kukho ukulalela nokufafazwa ngegazi likaJesu Kristu: Makwandiswe kinina umusa nokuthula.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite