Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




1 kaPetru 1:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Uma nimbiza ngokuthi Baba yena owahlulela yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe engakhethi buso, anohamba ngokwesaba esikhathini sokuhlala kwenu ebufokazini,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Uma nimbiza ngokuthi uBaba Yena owehlulela lowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe engakhethi, ngakho-ke hambani ngokwesaba ngesikhathi nisaphila.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Futhi uma nibiza uBaba owahlulela wonke umuntu ngokomsebenzi womuntu engakhethi buso, sebenzisani isikhathi sokuhlala kwenu lapha ngokwesaba;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Futhi uma nibiza uBaba owahlulela wonke umuntu ngokomsebenzi womuntu engakhethi buso, sebenzisani isikhathi sokuhlala kwenu lapha ngokwesaba;

Gade chapit la Kopi




1 kaPetru 1:17
33 Referans Kwoze  

Ngalokho ingebhe ngoJehova mayibe phezu kwenu; qaphelani nikwenze, ngokuba ukungalungi akukho kuJehova uNkulunkulu wethu, nokukhetha ubuso, nokwamukela umvuzo.”


Ngakho-ke anokhuleka kanje, nithi: “ ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho;


Ngakho-ke, bathandiweyo bami, njengalokho nilalele ngezikhathi zonke, kungesikho nxa ngikhona kuphela, kodwa ikakhulu manje nxa ngingekho, fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela,


Lokhu sinalezo zithembiso, bathandwa, masizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokumesaba uNkulunkulu.


Ngakho-ke lokhu samukeliswa umbuso ongenakunyakaziswa, masibonge ngesingamkhonza ngakho uNkulunkulu ngokumthokozisa, nangokumhlonipha, nangokuthuthumela,


ukuze uNkulunkulu weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wenkazimulo, aniphe umoya wokuhlakanipha nokwambulelwa ekumazini yena;


Kepha kwabadumile ngokuthi bayinto – nokuba babe yini, akulutho kimi; uNkulunkulu akakhethi ubuso bamuntu – ngokuba kimi abadumileyo abenezelanga lutho.


Kulungile; aphulwa ngokungakholwa, wena-ke umi ngokukholwa. Ungazikhukhumezi, kepha yesaba;


Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso; awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu.


“Mina bengithi: “ ‘Ngiyakukubeka kanjani phakathi kwabantwana, ngikuphe izwe elinxanelekayo, ifa elihle kakhulu ezizweni!’ Ngathi: Niyakungibiza ngokuthi ‘Baba’, ningabuyi ekungilandeleni.


Bathandekayo, nginincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo,


Ngakho-ke masesabe ukuba, kuthi kusekhona isithembiso sokungena ekuphumuleni kwakhe, kungabikho noyedwa kini obonakala esele emuva.


Ngokuba lowo owenza ukungalungi uyakwamukeliswa ukungalungi akwenzileyo; akukho ukukhetha umuntu.


Nani makhosi, yenzani okunjalo kuzo, niyeke ukusongela, nazi ukuthi neyazo neyenu iNkosi isezulwini nokuthi ukukhetha umuntu akukho kuye.


Ngenxa yalokho ngiguqa ngamadolo ami kuYise,


Ubusisiwe umuntu owesaba njalo, kepha oyenza lukhuni inhliziyo yakhe uyakuwela ebubini.


ongakhethi ubuso bezikhulu, onganaki ocebileyo kunompofu, na? Ngokuba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.


kepha mngcweliseni uKristu abe yiNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale ningabalungele ukubaphendula bonke abanibuza isizathu sethemba elikini,


Ngakho simi isibindi ngesikhathi sonke, sazi ukuthi, nxa ikhaya lethu lise semzimbeni, sahlukene nekhaya eliseNkosini;


Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.


“Ngokuba lapho ngiyakunika abantu izindebe ezihlanzekileyo, ukuze bonke babize igama likaJehova, bamkhonze nganhliziyonye.


Ohlakaniphileyo uyesaba, udeda ebubini, kepha isiwula siyaqhosha, singanaki lutho.


“Yizwa umkhuleko wami, Jehova, ulalele ukumemeza kwami; ungathuli ngezinyembezi zami, ngokuba ngingumfokazi kuwe; ngiyisihambi njengokhokho bami bonke.


Ngokuba singabafokazi phambi kwakho nezihambi njengabo bonke obaba; izinsuku zethu emhlabeni zinjengethunzi, nethemba alikho.


Ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, uNkulunkulu omkhulu onamandla nowesabekayo, ongakhethi buso bamuntu, nongamukeli mvuzo.


UJakobe wathi kuFaro: “Izinsuku zeminyaka yokugogobala kwami ziyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu; ziyingcosana, zimbi izinsuku zeminyaka yokuhamba kwami, azifinyelelanga ezinsukwini zeminyaka yokuhamba kwawobaba emihleni yokugogobala kwabo.”


Ngokuba bhekani, khona lokho kudabukiswa kwenu ngokukaNkulunkulu kwaveza kini ukukhuthala okungaka, yebo, nokuziphendulela, nokuthukuthela, nokwesaba, nokulangazela, nokushiseka, nokuphindisela. Kukho konke nazibonakalisa ukuthi nimhlophe kule ndaba.


Uyakungibiza ngokuthi: ‘UnguBaba, unguNkulunkulu wami nedwala lensindiso yami.’


Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite