Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




U-Ezra 4:9 - IsiZulu 2020

9 URehumi umbusi, umShimshayi unobhala, nabanye, nabo bonke abangani babo, abehluleli nazo zonke izikhulu ezidabuka e-Erekhi, eBhabhele naseShushani ezweni lama-Elamu,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 URehumi unqamulajuqu noShimshayi, umbhali, nabanye abangane babo, amaDinayi, nama-Afarisathiki, namaTharipheli, nama-Afarisi, nama-Arikhevi, nabaseBabele, namaShushaniki, namaDehavi, nama-Elamu,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Base bebhala uRehume umbusi, noShimishayi, umbhali, nabanye abangane babo; namaDina, nama-Afarzati, namaTarpeli, nama-Afarsite, nama-Arigi, nama-Babele, namaShushani, namaDehavi, nama-Elamu,

Gade chapit la Kopi




U-Ezra 4:9
16 Referans Kwoze  

“Manje kuwe Thathenayi, mbusi wasentshonalanga yeYufrathe, nakuwe Shethari Bhozenayi, nabangani benu abasesifundazweni esisentshonalanga yeYufrathe, qhelani lapho;


Nanti ifuzela lencwadi uThathenayi, umbusi wasentshonalanga yeYufrathe, noShethari Bhozenayi, nabangani babo ababesesifundazweni esasisentshonalanga yeYufrathe, abayithumela kuDariyu, inkosi.


Inkosi yase-Asiriya yalanda abantu eBhabhele, eKhutha, e-Ava, eHamathi, naseSafarivayimi, yabahlalisa emizini eSamariya endaweni yabakwa-Israyeli, balidla iSamariya, bahlala emizini yakhona.


AmaPharthe, amaMede, ama-Elamithi, abantu abakhe eMesophothamiya, eJudiya, eKhaphadosiya, ePhontu, e-Asiya,


Ngabona embonweni, lapho ngibheka ngangiseShushani esigodlweni senkosi esifundeni sase-Elamu; embonweni ngabona ngangingasemselenikazi i-Ulayi.


“Lapho kukhona i-Elamu naso sonke isixuku salo nxazonke zethuna, babulawe bonke, baqunjwa phansi ngenkemba, behlela phansi komhlaba bengasokile, labo abafake ingebhe ezweni labaphilayo; sebethwele ihlazo nalabo abehlela egodini.


Izwi elafika kuJeremiya, umphrofethi, mayelana ne-Elami ekuqaleni kokubusa kukaZedekiya, inkosi yakwaJuda, lathi:


wonke amakhosi aseZimri, wonke amakhosi ase-Elamu, wonke amakhosi aseMediya,


Ngiboniswe umbono oshaqisayo: umkhapheli ekhaphela, nombhubhisi ebhubhisa. Yenyuka Elamu, uvimbezele Mediya; ngizokuqeda konke ukukhala kwenu.


Inkosi iqoke izikhulu kuzo zonke izifundazwe embusweni wayo, ukuba ziqoqe zonke izintombi ezibukekayo, zilethwe esigodlweni kuHegayi, umthenwa, okunguyena owengamele indlu yabesifazane, azinike izimonyo zazo.


Inkosi u-Ahasheveroshi, ngaleso sikhathi, yayibusa ihlezi esihlalweni sayo esasisenhlokomuzi yayo, iShushani,


Amadodana kaShemu kwakungu-Elamu, u-Ashuri, u-Arifaksadi, uLudi no-Aramu.


URehumi, umbusi noShimishayi, unobhala, babhala incwadi emelana neJerusalema, bayiqondisa enkosini u-Arithahishashitha, ithi:


Wakhuluma nabangani bakhe nempi eSamariya, wathi: “Benzani laba baJuda abantekentekana na? Ngabe bazokwakha kabusha izinto? Bazokwenza imihlatshelo na? Bazoyiqeda ngosuku na? Ngabe bazovuselela amatshe engqumbini yamabibi, bese beshisela phezu kwawo na?”


Ngaso leso sikhathi uThathenayi, umbusi wasentshonalanga yeYufrathe noShethari Bhozenayi, nabangani babo bakhuluma nabo, bathi: “Ngubani onigunyaze ukwakha le ndlu, nokuqeda lesi sakhiwo na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite