Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




U-Ezra 2:2 - IsiZulu 2020

2 bafika noZerubhabhele, uJeshuwa, uNehemiya, uSeraya, uRehelaya, uMoridekhayi, uBhilishani, uMisiphari, uBhigivayi, uRehumi noBhahana. Inani lamadoda akwa-Israyeli lalimi kanje:

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 bafika noZerubabele, noJeshuwa, noNehemiya, noSeraya, noRehelaya, noMoridekayi, noBilishani, noMisipari, noBigivayi, noRehumi, noBahana. Umumo wamadoda abantu bakwa-Israyeli nanku:

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 abeza noZerubhabheli: ngoJeshuwa, noNehemiya, noSeraya, noRehelaya, noMoridekayi, noBilisani, noMispari, noBhigwayi, noRehumi, noBahana. Inani lamadoda abantwana bakwa-Israyeli:

Gade chapit la Kopi




U-Ezra 2:2
24 Referans Kwoze  

Kodwa qina manje, Zerubhabhele,’ kusho uSimakade, ‘qina, nawe Joshuwa, ndodana kaJehozadaki, umphristi omkhulu, qinani nonke nina bantu bezwe,’ kusho uSimakade, ‘nisebenze ngokuba Mina nginani,’ kusho uSimakade Wamabandla.


USimakade wavuselela umoya kaZerubhabhele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nomoya kaJoshuwa indodana kaJehozadaki, umphristi omkhulu, nomoya wensali yonke yabantu, beza, basebenza endlini kaSimakade Wamabandla, uNkulunkulu wabo,


UZerubhabhele, indodana kaSheyalitiyeli noJoshuwa, indodana kaJehozadaki, umphristi omkhulu, nayo yonke insali yabantu, balilalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wabo namazwi kaHagayi umphrofethi, njengoba uSimakade uNkulunkulu wabo ayemthumile. Abantu besaba phambi kukaSimakade.


bebuya noZerubhabhele, uJeshuwa, uNehemiya, u-Azariya, uRahamiya, uNahamani, uMoridekhayi, uBhilishani, uMisipherethi, uBhigivayi, uNehumi noBhahana. Inani labantu bakwa-Israyeli yileli:


UJoshuwa wayembethe izingubo ezingcolileyo, emi phambi kwengelosi.


Wayesengikhombisa uJoshuwa umphristi omkhulu emi phambi kwengelosi kaSimakade, noSathane wayemi ngakwesokunene sakhe emmangalela.


“Tshela uZerubhabhele umbusi wakwaJuda, uthi: ‘Ngizonyakazisa amazulu nomhlaba,


“Ake ukhulume kuZerubhabhele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nakuJoshuwa indodana kaJehozadaki, umphristi omkhulu, nakuyo insali yabantu, uthi:


Ngonyaka wesibili wokubusa kukaDariyu inkosi, ngenyanga yesithupha, ngosuku lokuqala enyangeni, kwafika izwi likaSimakade ngesandla sikaHagayi umphrofethi kuZerubhabhele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nakuJoshuwa indodana kaJehozadaki, umphristi omkhulu, lathi:


Emveni kwalokho uZerubhabhele, indodana kaSheyalitiyeli noJeshuwa, indodana kaJozadakhi, baqala ukwakha kabusha indlu kaNkulunkulu eJerusalema, besizwa ngabaphrofethi.


URehumi, umbusi noShimishayi, unobhala, babhala incwadi emelana neJerusalema, bayiqondisa enkosini u-Arithahishashitha, ithi:


Kepha uZerubhabhele noJeshuwa nabanye ababeyizinhloko zemindeni yakwa-Israyeli babaphendula bathi: “Aninalo ilungelo lokusisiza ekwakheni indlu kaNkulunkulu wethu; yithina ngokwethu esizomakhela uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli; nguKhoresi, inkosi yasePheresiya, osiyale ukuba senze kanjalo.”


Sezizonke izitsha uSheshibhazari nabanye abathunjwa ababephuma eBhabhele beya eJerusalema abazithatha, zaziyi-5 400 zegolide, nesiliva, nezinye izinto.


Nampa abantu bezwe abakhuphuka ekuthunjweni ababethunjwe nguNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, ababuyela eJerusalema nakwaJuda, yilowo nalowo waya emzini wakubo,


abozalo lukaPharoshi babeyizi-2 172,


UJeshuwa, indodana kaJozadaki, nabanye abaphristi noZerubhabhele, indodana kaSheyalitiyeli, nabafowabo, balakha kabusha i-althare likaNkulunkulu ka-Israyeli ukuze kunikelwe phezu kwalo iminikelo yokushiswa, njengoba kulotshiwe emthethweni kaMose, umuntu kaNkulunkulu.


Inkosi uKhoresi yasePheresiya lezo zinto wazinika uMithiredathi, umphathisikhwama, ukuba azibale, azinike uSheshibhazari, umbusi wakwaJuda.


Nantu uhla lwezinhloko zemindeni ezazisekuthunjweni eBhabhele, ezabuya no-Ezra eJerusalema ngesikhathi sokubusa kwenkosi u-Arithahishashitha:


uBhuni, u-Azigadi, uBhebayi,


ezinsukwini zikaZerubhabhele noNehemiya, wonke u-Israyeli wanikela ingxenye yansuku zonke ukubonelela abaculi nabalindisango. Bahlukanisa lokho okwakungokwabaLevi, nabaLevi bakuhlukanisela abozalo luka-Aroni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite