Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




U-Amose 9:2 - IsiZulu 2020

2 Noma bangagubha endaweni yabafileyo, isandla sami siyakubakhipha khona lapho, noma bangakhuphukela ezulwini, ngiyakubehlisa khona lapho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Noma befohla endaweni yabafileyo, isandla sami siyakubakhipha khona; noma bekhuphukela ezulwini, ngiyakubehlisa khona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Noma bemba endaweni yabafileyo, isandla sami siyakubathatha; noma bekhuphukela ezulwini, ngiyakubehlisa khona.

Gade chapit la Kopi




U-Amose 9:2
15 Referans Kwoze  

“Ngisho noma iBhabhele lingafinyelela esibhakabhakeni, liyiqinise inqaba yalo ephakemeyo, nokho ngiyakuthumela ababhubhisi, balithelekele,” kusho uSimakade.


Noma ungaphakama njengokhozi, noma ngabe isidleke sakho singakhiwa phakathi kwezinkanyezi, ngiyakukwehlisa khona lapho, kusho uSimakade.


Kepha wathi kubo: “Ngabona uSathane ewa ezulwini njengonyazi.


Ukwesabeka kwakho nokuziqhenya kwenhliziyo yakho kukudukisile, wena ohleli emifantwini yamadwala, esicongweni segquma. Noma isidleke sakho ungasakha phezulu njengokhozi; ngiyakwehlisa khona lapho,” kusho uSimakade.


Abantu bayongena emigedeni esemadwaleni, nasemigodini emhlabathini, bebalekela ukwesabeka kukaSimakade nenkazimulo yobukhosi bakhe, lapho ephakama ukuthuthumelisa umhlaba.


Indawo yabafileyo inqunu phambi kwakhe, asikho isembozo sendawo yokubhubha.


Noma ukuphakama kwakhe kungakhuphukela ezulwini, nekhanda lakhe lifinyelele emafini,


Abukho ubumnyama, nesigayegaye asikho, lapho abenza inkohlakalo bengacasha khona.


ngiyakukwehlisa nabehlela egodini, kubantu basemandulo, ngikuhlalise ekujuleni komhlaba nabehlela egodini njengasezindaweni eziyincithakalo, kusukela emandulo, ukuze ungaphindi ubuye, ungabi nandawo futhi ezweni labaphilayo.


ukuba kungabi bikho muthi ongasemanzini, oyakuba mude ngokuphakama kwawo, ungasifinyelelisi isihloko sawo emafini, futhi kungabi bikho mithi eyophuza amanzi, ikhule ibe mide ngangawo, ngokuba yonke inikelwe ekufeni phansi komhlaba, ebantwaneni babantu, labo abehlela egodini.” ’


Uthi wena: ‘UNkulunkulu wazini na? Angehlulela yini engale kwesigayegaye na?


Umupha ukuvikeleka, ameseke; amehlo akhe asezindleleni zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite