Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




U-Amose 7:4 - IsiZulu 2020

4 INkosi uSimakade yangibonisa kanje: Bheka, iNkosi uSimakade yaphaka impi ngomlilo; wangqongqisa ekujuleni okukhulu, washisa nengxenye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Yayisingibonisa kanje iNkosi uJehova: bheka, iNkosi uJehova yabiza ukulwa ngomlilo; wadla utwa olukhulu, wawusuyakudla futhi isabelo sikaJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 INkosi uJehova yangibonisa kanje: bheka, iNkosi uJehova yabiza ukulwa ngomlilo; waqeda uzamcolo omkhulu, waqeda ingxenye yawo.

Gade chapit la Kopi




U-Amose 7:4
22 Referans Kwoze  

INkosi uSimakade yangibonisa kanje umbono: Bheka, yayenza isikhonyane ekuqaleni kokuhluma kotshani bakamuva. Uyabona-ke, kwakungutshani bakamuva osebusikiwe bungobenkosi.


Emveni kwalokho, ngase ngibona umnyango uvulekile ezulwini, nezwi engangilizwe kuqala linjengelecilongo lakhuluma nami, lathi: “Yenyukela lapha, ngizakukutshengisa okumele ukuba kwenzeke emva kwalokhu.”


Nangezingelosi, uthi: “Owenza izingelosi zakhe zibe yimimoya, izikhonzi zakhe zibe ngamalangabi omlilo.”


Ngubani ongamelana nentukuthelo yakhe na? Ngubani ongabekezelela ulaka lwakhe oluvuthayo na? Ulaka lwakhe luthululwe njengomlilo, namadwala ayaqhekezeka phambi kwakhe.


Izintaba ziyakuncibilika phansi kwakhe, izigodi ziqhekezeke njengengcina phambi komlilo, nanjengamanzi ethelwa emehlelweni.


Yangibonisa kanje: Bheka, uSimakade wayemi ngasodongeni olwakhiwe lwalinganiswa ngentambo yomthofu, ephethe esandleni sakhe intambo yomthofu yokulinganisa.


Funani uSimakade, niphile, kungenjalo uyakumemetheka njengomlilo endlini kaJosefa, ungqongqise, kungabi bikho owucimayo eBhethele.


“Ngababhubhisa abanye benu njengalokhu uNkulunkulu abhubhisa iSodoma neGomora; nanifana nesikhuni esophulwe emlilweni, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.


Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo ogangeni eGaza, uyakungqongqisa izinqaba zalo.


Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo endlini kaHazayeli, uyakungqongqisa izinqaba zikaBheni Hadadi.


Ngiyakuveza izimangaliso ezulwini nasemhlabeni, igazi, umlilo nezikhatha zentuthu.


Wena ndlu kaDavide, usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Yenzani ubulungiswa ekuseni, nihlenge ophangiweyo esandleni somcindezeli, funa intukuthelo yami iphume njengomlilo, iyakuvutha, kungabi bikho oyicimayo ngenxa yobubi bezenzo zenu.


Zisokeleni uSimakade, nisuse amajwabu ezinhliziyo zenu, nina bantu bakwaJuda, nani zakhamuzi zaseJerusalema, funa intukuthelo yami iphume njengomlilo, ivuthe, kungabi bikho oyicimayo, ngenxa yobubi bezenzo zenu.


Angisithukutheleli. Uma singivezela ameva namakhakhasi, ngizolwa nawo ngiwashise.


Ngokuba umlilo uphenjwe yintukuthelo yami; uyabhebhetheka kuze kube sendaweni yabafileyo engaphansi, uyaqothula umhlaba nezithelo zawo, wokhela nezisekelo zezintaba.


Kweza umlilo uvela kuSimakade, wabaqothula abantu abangama-250 ababenikele ngempepho.


Kwaphuma umlilo phambi kukaSimakade, wabashisa, bafa phambi kukaSimakade.


Ngikhala kuwe Simakade, ngokuba amadlelo asendle angqongqiswe ngumlilo, nelangabi lizishise zonke izihlahla zasendle.


Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo kwaJuda, uyakungqongqisa izinqaba eJerusalema.”


uthi kulo: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: “Bheka, ngimelene nawe. Ngiyakuhosha inkemba yami emgodleni wayo, ngibulale abalungileyo nezikhohlakali.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite