Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




U-Amose 7:3 - IsiZulu 2020

3 USimakade waxola ngalokhu. “Ngeke kusenzeka,” kusho uSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 UJehova wazisola ngalokhu. “Akuyikubakho,” usho uJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 UJehova wazisola ngalokhu: Ngeke kwenzeke, kusho uJehova.

Gade chapit la Kopi




U-Amose 7:3
16 Referans Kwoze  

“USimakade uyobehlulela abantu bakhe, abe nesihawu ezincekwini zakhe, lapho ebona ukuthi amandla abo aphelile, akusekho oboshiweyo nokhululekileyo.


UNkulunkulu wabona ukuthi sebephendukile ebubini babo, wase eyithambisa inhliziyo yakhe, wanquma ukungabe esababhubhisa njengoba ebeshilo.


“Ngingakuyekela kanjani, Efrayimi, ngikukhaphele kanjani, Israyeli na? Ngingakwenza kanjani ube njenge-Adima, ngikwenze kanjani ube njengeZebhoyimi na? Inhliziyo yami iyaphenduka ngaphakathi kimi, sonke isihawu sami sivusiwe.


USimakade waxola ngalokhu. “Ngeke kusenzeka,” kusho uSimakade.


Ngubani owaziyo uma engabuya axolele, ashiye isibusiso emva kwakhe, kube ngumnikelo wokusanhlamvu nowokuphuzwayo kuSimakade uNkulunkulu wenu na?


Ngenxa yabo wasikhumbula isivumelwano sakhe, wabaphendula ngokobuningi bomusa wakhe.


Ngakho-ke vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuze niphulukiswe. Umkhuleko wolungileyo unamandla kakhulu.


“Kambe uHezekiya, inkosi yakwaJuda noJuda wonke, bambulala yini uMikha na? Abesabanga yini uSimakade, bamncenga uSimakade, Yena wayiyeka inhlekelele ayekhulume ngayo kubo na? Pho, thina sesizakwehlisela phezu kwethu ububi obukhulu kangaka na?”


UNkulunkulu wathumela ingelosi eJerusalema ukuba ilibhubhise. Kwathi lapho isabhubhisa uSimakade wabuka, wazisola ngale nhlekelele, wathi engelosini eyayibhubhisa: “Sekwanele manje, finyeza isandla sakho.” Ingelosi kaSimakade yayimi ngasesibuyeni sika-Orinani, umJebusi.


“Ngizobashaya ngibaqothule ebusweni bomhlaba abantu engibadalileyo. Abantu nezilwane, izilwane ezihuquzelayo, nezinyoni zezulu, ngokuba ngiyazisola ukuthi ngikudaleleni.”


Buya, Simakade! Kuyoze kube nini na? Hawukela izinceku zakho.


‘Uma niphenduka, niyakuhlala nokuhlala kuleli lizwe, ngiyakunakha nginganidilizi, ngiyakunitshala nginganisiphuli, ngokuba ngiyadabuka ngokubi engikwenzile kini.


Dabulani izinhliziyo zenu, hhayi izingubo zenu, nibuyele kuSimakade uNkulunkulu wenu, ngokuba unomusa nesihawu, uyephuza ukuthukuthela, unesihe nothando olungenamkhawulo, uyaxolela angabe esajezisa.


Zondani okubi, nithande okuhle; niqinise ubulungiswa esangweni, hleze uSimakade uNkulunkulu Wamabandla ayihawukele insali kaJosefa.”


USimakade wawuguqula umqondo wakhe ngenhlekelele ayehlose ukuyehlisela abantu bakhe.


Kepha Yena waba nobubele, wabathethelela ububi babo, akaze ababhubhisa, yebo, wazibamba kaningi olakeni lwakhe, wangayikhiphela kubo yonke intukuthelo yakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite