Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




U-Amose 6:3 - IsiZulu 2020

3 Nina eniluqhelisela kude usuku olubi, nisondeze isihlalo sobudlova.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 nina enidedisela kude usuku olubi, kepha nisondezile isihlalo sobudlova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Nina enidedisela kude usuku lobubi, nisondela esihlalweni sobudlova;

Gade chapit la Kopi




U-Amose 6:3
19 Referans Kwoze  

Zonke izoni eziphakathi kwabantu bami ziyakufa ngenkemba, ezithi: ‘Inhlekelele ayiyukusondela kithi, ayiyukusehlela thina, futhi ngeke isikhathaze.’ ”


Wozani, yikhona ngizoletha iwayini, sizozigcingca ngophuzo olunamandla; nengomuso liyakuba njenganamuhla, libe likhulu kakhulu.


“Ndodana yomuntu; indlu ka-Israyeli, ithi: ‘Umbono awubonayo ungowezinsuku eziningi ezizayo, uphrofetha ngezikhathi ezisekude.’


bethi: “Siphi isithembiso sokufika kwakhe na? Ngokuba selokhu okhokho balala, zonke izinto zisenjengoba zazinjalo kusukela ekuqaleni kokudalwa.”


Uma bethi: “Ukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyakubazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo; kabasoze baphunyuka.


Kepha uma leyo nceku embi ithi enhliziyweni yayo: ‘Inkosi yami isalibele,’


“Ngokuba abakwazi ukwenza okulungileyo,” kusho uSimakade. “Banqwabelela ubudlova nempango ezinqabeni zabo.”


“Ndodana yomuntu, saga sini lesi eninaso ezweni lakwa-Israyeli, esithi: ‘Izinsuku ziyedlula, yonke imibono iphenduka ize’ na?


Ngokuba ngehora linye vo, ingcebo engaka isishabalalisiwe.’ “Bonke abashayeli bemikhumbi, bonke abaya noma kuphi ngomkhumbi, amatilosi, nabo bonke abasebenza olwandle bamela kude,


Amahhashi angagijima yini emadwaleni na? Kungalinywa yini lapho ngezinkabi na? Ngokuba nihlanekezele ubulungiswa baba ngubuthi, nesithelo sokulunga saba ngumhlonyane,


Maye kini enifisa usuku lukaSimakade! Kungani nilangazelela usuku lukaSimakade na? Usuku lukaSimakade lungubumnyama, hhayi ukukhanya.


Ngokuba ngiyazi ukuthi iziphambeko zenu ziningi, nokuthi izono zenu zinkulu kangakanani, nina enicindezela abalungileyo, nemukele umfumbathiso, nithalalise udaba lwabantulayo esangweni.


Wathi wena: ‘Ngiyohlala ngiyindlovukazi, kuze kube phakade.’ Ngalokho awubekanga lezi zinto enhliziyweni yakho, awukhumbulanga isiphetho sazo.


Ngenxa yobubi obenziwa bungehlulelwa masinyane, izinhliziyo zabantu ngaphakathi zigcwele ukwenza okubi.


Isihlalo sobubi singahlanganyela yini nawe, leso esisebenza okubi kungathi kusemthethweni na?


Labo abebekade bedla okumnandi, sebeyimizulane emigwaqweni. Labo ababekhuliswe ngokububende, manje sebelala ezaleni.


“Umsindo wesixuku esihlezi kahle wawuzwakala lapho; kwalethwa nezidakwa zasehlane, bazifaka amabhengele ezandleni zazo, nemiqhele emihle emakhanda azo.


Labo abacebileyo bakhona banobudlova obedlulele, nezakhamuzi zakhona zihubhuza amanga, nolimi lwenkohliso lusemlonyeni wazo.


Memezelani ezinqabeni e-Ashidodi, nasezinqabeni eGibhithe, nithi: “Qoqanani ezintabeni eSamariya, nibone inxushunxushu enkulu nokucindezelwa okuphakathi kulo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite