Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




U-Amose 5:3 - IsiZulu 2020

3 Ngokuba isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Umuzi owaphuma uyinkulungwane uyakushiya ikhulu, nowaphuma uyikhulu uyakushiya ishumi kuyo indlu yakwa-Israyeli.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “Umuzi owaphuma uyinkulungwane uyakushiya ikhulu, nowaphuma uyikhulu uyakushiya ishumi kuyo indlu yakwa-Israyeli.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Umuzi owaphuma uyinkulungwane uyakusala uyikhulu, owaphuma unekhulu, uyakusalela indlu ka-Israyeli ishumi.

Gade chapit la Kopi




U-Amose 5:3
10 Referans Kwoze  

U-Izaya wamemeza ngo-Israyeli, wathi: “Nakuba isibalo sabantu bakwa-Israyeli singangesihlabathi solwandle, yinsali eyakusindiswa,


Kepha ngiyakuyishiya insali eyingcosana, isinde enkembeni, endlaleni, nasobhubhaneni, ukuze ilande ngazo zonke izinengiso zabo ezizweni lapho beyakuya khona, bayakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade.”


Ngisho noma abantu bakho, Israyeli, bebengangesihlabathi solwandle, kuyobuya imithonseyana phakathi kwabo, ngoba ukubhujiswa kubahlalele; nokulunga kuyachichima.


Ngisho noma kusasele ingxenye yeshumi kulo, iyobuye ishiswe njengomtherebhinte nomu-okhi okusiqu sakho simi lapho kugawulwa khona, inzalo engcwele iyisiqu sakho.”


Ukuba uSimakade Wamabandla ubengasishiyelanga insali, besiyakufana neSodoma, sibe njengeGomora.


Noma nanibaningi ngangezinkanyezi zezulu, niyakushiywa niyingcosana, ngokuba awulalelanga izwi likaSimakade uNkulunkulu wakho.


USimakade uyakunihlakazela ezizweni, nisale niyingcosana phakathi kwabezizwe, lapho uSimakade eyakunixoshela khona.


Kuyakuthi uma kusele amadoda alishumi endlini eyodwa, afe.


Sengathi izinkomo zethu zingaba namathole amaningi. Makungabi bikho kufohla ogangeni, kungathunjwa muntu, futhi kungabi bikho ukukhala emigwaqweni yakithi.


Kuyothi njengalokhu uSimakade wayejabula ngani ukuba anenzele okuhle nokunenza nande, kanjalo uSimakade uyojabula ngani lapho esenibhubhisa, nishatshalaliswe, nidwengulwe ezweni eningena kulo ukuba nilidle.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite