Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




U-Amose 4:9 - IsiZulu 2020

9 “Nganishaya ngokuhwamuka nesikhutha; izivande zenu ezininingi, izivini zenu, imikhiwane yenu neminqumo yenu kwadliwa yisikhonyane, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Nganishaya ngokuhamuka nesikhutha; izivande zenu, nezivini zenu, nemikhiwane yenu, neminqumo yenu eminingi kwadliwa yisibotho, kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Nganishaya ngokhula nangesikhutha; lapho izivande zenu, nezivini zenu, nemikhiwane yenu, neminqumo yenu yanda, kwadliwa amasundu; nokho aniphendukela kimi,” usho uJehova.

Gade chapit la Kopi




U-Amose 4:9
21 Referans Kwoze  

Nganishaya ngokuhwamuka, ngesikhunta, nangesichotho kuyo yonke imisebenzi yezandla zenu, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.


USimakade uyokushaya ngalezi zifo: isifuba, umkhuhlane, ukushisa komzimba, imfiva, ukushisa okukhulu, isikhutha kanye nenkemba; kuyokuxosha uze ubhubhe uphele.


Okushiywe yisikhonyane kudliwe ngamaqhwagi, nokushiywe amaqhwagi kwadliwa yisibotho, kwathi okushiywe yisibotho kwadliwa yinkasa.


“Mina nganilethela indlala kuyo yonke imizi yenu, nokuntula isinkwa kuzo zonke izindawo zenu, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.


Imizi emibili noma emithathu yadiyazela, yaya komunye umuzi ukuyophuza amanzi, kodwa ayaneliswanga; nakuba kunjalo kepha anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.


“Ngiyakunibuyisela iminyaka okwadla ngayo isikhonyane, amaqhwagi, isibotho nenkasa, impi yami enkulu engayithumela kini.


Sicekele phansi umvini wami, nomkhiwane wami sawuphundla kwasala isiphunzi. Saxebula amagxolo awo sawalahla, amagatsha awo aba mhlophe qwa.


Simakade, kanti amehlo akho awafuni lona yini iqiniso na? Ubashayile, kodwa abadabukanga, ubaqedile, kepha balile ukwemukela ukuyalwa; ubuso babo babenze balukhuni ukwedlula itshe, benqaba ukuphenduka.


Nokho kukho konke lokho lo dadewabo ombuluzayo, uJuda, akazange abuyele kimi ngenhliziyo ephelele, kodwa ngokuzenzisa nje,” kusho uSimakade.


Nisazoshaywa kuphi futhi, lokhu nisaqhubeka nokuhlubuka na? Lonke ikhanda liyagula, nenhliziyo yonke ibuthakathaka.


“Uma kuba khona indlala ezweni, noma imbo, noma ukuhwamuka, nesikhutha, isikhonyane, umswenya noma izitha zabo zibavimbezela ezweni lemizi yabo, noma inhlupheko yahlobo luni nasifo sini,


“Uma kukhona indlala ezweni, ubhubhane, ukuhwamuka, isikhutha, isikhonyane, umswenya, noma isitha sabo sibavimbezela ezweni emasangweni abo, noma ngabe iyiphi inhlupheko nobhubhane,


Yonke imithi yakho nezithelo zomhlabathi wakho kuyodliwa yisikhonyane.


Bhekani, nina nonke eningabaphemba umlilo, enibhinca uthuthuva, dabulani emalangabini omlilo wenu, naphakathi kodweshu eniluphembileyo. Nakhu eniyakukwamukela kuvela esandleni sami; niyakulala phansi ngobuhlungu.


Noma umkhiwane ungeqhakaze, nemivini ingabi nazithelo, nomsebenzi womnqumo ungaphumeleli, amasimi angabi nasivuno, kungabi bikho mhlambi wezimvu nezimbuzi esibayeni nazinkomo esibayeni,


ama-Aramu ngasempumalanga, namaFilisti ngasentshonalanga, bamsobozela u-Israyeli ngemilomo yabo. Phezu kwakho konke lokho, ulaka lukaSimakade alukabohli, isandla sakhe sisashaya.


“Abayukubuyela eGibhithe, i-Asiriya libe yinkosi yabo, njengoba benqaba ukuphenduka na?


“Ngiyakunivimbela isikhonyane ukuba singaziqothuli izitshalo zenu ezivela emhlabathini, nemivini yenu ingabi ngengatheliyo emasimini,” kusho uSimakade Wamabandla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite