Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




U-Amose 4:8 - IsiZulu 2020

8 Imizi emibili noma emithathu yadiyazela, yaya komunye umuzi ukuyophuza amanzi, kodwa ayaneliswanga; nakuba kunjalo kepha anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kwase kuhamba imizi emibili noma emithathu, yaya komunye umuzi ukuyophuza amanzi, kodwa ayaneliswanga; kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngakho imizi emibili noma emithathu yazulazula emzini owodwa ukuyophuza amanzi; kepha abasutha; nokho aniphendukela kimi,” usho uJehova.

Gade chapit la Kopi




U-Amose 4:8
16 Referans Kwoze  

“Mina nganilethela indlala kuyo yonke imizi yenu, nokuntula isinkwa kuzo zonke izindawo zenu, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.


Nitshale okuningi, kodwa navuna okuncane; niyadla kepha anisuthi; niyaphuza, kodwa ananeliswa; niyembatha, kepha anifudumali, othola umholo uwufaka esikhwamemi esibhobokile.’


U-Ahabi wathi ku-Obhadiya: “Hamba ezweni, uye emithonjaneni yonke yamanzi nasemifudlaneni yonke; mhlawumbe singabufumana utshani, sisindise amahhashi neminyuzi, izilwane zingabhubhi.”


Uyakudla, kodwa ungasuthi, uyakubhekana nendlala, uthathe kodwa ungakulethi endaweni ephephileyo, noma yini oyiletha endaweni evikelekile, ngiyakuyinikela enkembeni.


Ukuzigqaja kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe, kodwa ababuyelanga kuSimakade uNkulunkulu wabo, abamfunanga kukho konke lokho.


Ngibone into embi kubaphrofethi baseJerusalema; bayaphinga, bahamba ngobuqili, bakhuthaza abenza okubi ukuze kungaphenduki muntu ebubini bakhe; bonke banjengeSodoma kimi, nezakhamuzi zakhona zinjengeGomora.”


Ngangicabanga ukuthi emva kokwenza zonke lezo zinto, uzobuyela kimi, kodwa akabuyanga. Nodadewabo uJuda okhohlisayo, ukubonile lokho.


ama-Aramu ngasempumalanga, namaFilisti ngasentshonalanga, bamsobozela u-Israyeli ngemilomo yabo. Phezu kwakho konke lokho, ulaka lukaSimakade alukabohli, isandla sakhe sisashaya.


Yingakho-ke izihlambi zinqandiwe, nemvula yakamuva ingabangabikho. Nokho ubunesibindi sobufebe, wenqaba ukuba namahloni.


Simakade, kanti amehlo akho awafuni lona yini iqiniso na? Ubashayile, kodwa abadabukanga, ubaqedile, kepha balile ukwemukela ukuyalwa; ubuso babo babenze balukhuni ukwedlula itshe, benqaba ukuphenduka.


“Abayukubuyela eGibhithe, i-Asiriya libe yinkosi yabo, njengoba benqaba ukuphenduka na?


Nganishaya ngokuhwamuka, ngesikhunta, nangesichotho kuyo yonke imisebenzi yezandla zenu, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite