Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




U-Amose 4:5 - IsiZulu 2020

5 Nishise umnikelo wokubonga ngokunemvubelo, nimemezele iminekelo yesihle, niqhoshe ngayo, ngokuba nithanda ukwenza kanjalo, bantu bakwa-Israyeli,” kusho iNkosi uSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 nishise umnikelo wokubonga ngokuvutshelweyo, nimemezele iminikelo yesihle, niyizwakalise, ngokuba nithanda kanjalo, bantwana bakwa-Israyeli,” isho iNkosi uJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ninikele ngomhlatshelo wokubonga onemvubelo, nimemezele, nimemezele iminikelo yesihle; ngokuba ninjalo nina bantwana bakwa-Israyeli, isho iNkosi uJehova.

Gade chapit la Kopi




U-Amose 4:5
19 Referans Kwoze  

“Ngamthola u-Israyeli njengezithelo zomvini ehlane, ngabona okhokho bakho njengolibo lomkhiwane emkhiwaneni lapho uqala. Kepha bafika eBhali Pheyori, bazinikela ehlazweni, baba ngokunengekayo njengalokho abakuthandayo.


Ngase ngibayekelela enkanini yenhliziyo yabo, bahamba ngokuthanda kwabo.


“Ngakho-ke nxa upha ompofu, ungashayi icilongo utshela abanye, njengalokhu kwenza abazenzisi emasinagogeni nasemigwaqweni ukuze badunyiswe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: sebewamukele umvuzo wabo.


Israyeli, ungajabuli, ngokuthokoza okufana nokwabezizwe, ngokuba uzifebele wena, wahlubuka kuNkulunkulu wakho, wathanda inkokhelo yesifebe kuzo zonke izibuya zokusanhlamvu.


Njengalokhu benqaba ukukubona, kuyinto enhle ukumazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabayekela ekungaqondini kwabo ukwenza okungemukelekile.


“Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba ninikela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokodonqa, kodwa nikushaye indiva okudingwa ngumthetho: ubulungiswa, isihawu, nokukholwa! Benifanele ukwenza lokho, kodwa ningakuyeki nalokhu komthetho.


kodwa bangikhonza ngeze, befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.’ ”


Niyoletha okuvela ezindlini zenu kube yizinkwa ezimbili zomnikelo wokuzungeziswa, okubili eshumini kwempuphu ecolisekileyo, ziyoba nemvubelo, bese ziphekwa, zibe lulibo lokuqala kuSimakade.


“ ‘Niyokweba yini, nibulale, niphinge, nifunge amanga, nishisele uBhali impepho, nilandele abanye onkulunkulu eningabaziyo na?


Niyofika yini nime phambi kwami, kule ndlu ebizwa ngeGama lami, nithi: “Sihlengiwe,” ukuze nenze zonke lezi zinengiso na?


Ngiyawazonda, futhi ngiyawenqaba amadili enu, angiyenameli nemihlangano yenu.


Impela noma ninganikela kimi ngeminikelo yokushiswa neyokusanhlamvu, ngeke ngiyamukele; ngiyoyishaya indiva iminikelo yenu yokuthula yamathole akhuluphalisiweyo.


Umbono ka-Izaya, indodana ka-Amozi, awubona maqondana noJuda neJerusalema emihleni ka-Uziya, uJothamu, u-Ahazi noHezekiya; amakhosi akwaJuda.


“Iyini kimi imihlatshelo yenu eniyenza kaninginingi na?” kusho uSimakade. “Senganele yiminikelo yenu yokushiswa yezinqama, namanoni ezilwane ezikhuluphalisiwe; angithokozi ngegazi lezinkunzi nelamawundlu nelezimbuzi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite