Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




U-Amose 4:2 - IsiZulu 2020

2 INkosi uSimakade ifungile ngobungcwele bayo, yathi: “Bhekani-ke, ziyonifikela izinsuku lapho niyakuthathwa ngezingwegwe, nezizukulwane zenu ngezindobo zokudoba.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 INkosi uJehova ifungile ubungcwele bayo ukuthi: “Bhekani, izinsuku ziyakunehlela lapho niyakususwa ngezingwegwe, nabaseleyo kini ngezindobo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 UJehova ufungile ubungcwele bakhe ukuthi izinsuku ziyakufika phezu kwakho lapho eyokudonsa ngezingwegwe nenzalo yakho ngezingwegwe zezinhlanzi.

Gade chapit la Kopi




U-Amose 4:2
11 Referans Kwoze  

“Ngokuba, niyabona, ngizakuthumela abadobi abaningi babadobe,” usho kanje uSimakade, “ngithumele nabazingeli abaningi, babazingele kuzo zonke izintaba, nakuwo wonke amagquma, nasemifantwini yamadwala.


Ngafunga ubungcwele bami kwakanye, angiyukuwaqamba amanga kuDavide.


INkosi uSimakade izifungile, kusho uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, uthi: “Ngiyakwenyanya ukuzigqaja kukaJakobe, ngiyazizonda izigodlo zakhe; ngiyakuwukhaphela umuzi nokukuwo.”


ukufutheka kolaka lwakho ngami, nokuzidla kwakho sekufinyelele ezindlebeni zami; ngizofaka ingwegwe yami emakhaleni akho, netomu lami emlonyeni wakho; ngikubuyisele emuva ngendlela oweza ngayo.


“ ‘Ngiyakufaka amahhuku emihlathini yakho, nginamathelise izinhlanzi zemifula yakho ezingcwecweni zakho, ngikukhuphule emifuleni yakho nazo zonke izinhlanzi zemifula yakho ezinamathele ezingcwecweni zakho.


Ngiyakukuguqula, ngifake izingwegwe emihlathini yakho, ngikukhiphe nayo yonke impi yakho, amahhashi nabagibeli bawo, bonke bevunule bephelele, iviyo elikhulu eliphethe amahawu nezihlangu, bonke bephethe izinkemba zabo zimenyezela.


USimakade uzifunge Yena ngenxa yokuziqhenya kukaJakobe, wathi: “Impela angiyukuzikhohlwa nanini izenzo zabo.


Abozalo lwakhe bayakuma kuze kube phakade, isihlalo sakhe sobukhosi sibe njengelanga phambi kwami.


“Ezilahlekileyo ngiyakuzifuna, ngizibuyise ezidukileyo, ngibophe ezaphukileyo, ngiqinise ezigulayo, kodwa ezikhulupheleyo nezinamandla ngiyakuzibhubhisa; ngiyakuzinakekela ngobulungiswa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite