Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




U-Amose 4:1 - IsiZulu 2020

1 Yizwani leli lizwi, nina zinkomo zaseBhashani enisentabeni eSamariya, enicindezela abampofu, niphathe kabi abantulayo, enithi emakhosini enu: “Lethani, siphuze.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Yizwani leli zwi, nina zinkomo zaseBashani enisentabeni yaseSamariya, enicindezela abaphansi, enichoboza abampofu, enithi emakhosini enu: “Lethani, siphuze.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Zwanini leli zwi, zinkomo zaseBashani, eniphezu kwentaba yaseSamariya, enicindezela abampofu, nichoboza abampofu, enithi emakhosini abo: Lethani, siphuze!

Gade chapit la Kopi




U-Amose 4:1
49 Referans Kwoze  

Ngihaqwe yizinkunzi zaseBhashani eziningi, ezinamandla, zingizungezile.


Maye, kwabanethezekileyo eZiyoni, nabavikelekile entabeni eSamariya, izikhulu zesizwe esikhethekileyo, eya kubo indlu ka-Israyeli!


“Ngakho-ke ngenxa yokuthi nicindezela abampofu, nithathe kubo ngenkani okusanhlamvu, noma ningakha izindlu ngamatshe abaziweyo, kodwa aniyukuhlala kuzo, noma ningatshala izivini ezinhle, kepha aniyukuliphuza iwayini lazo.


Niyakudla inyama yamaqhawe, niphuze igazi lezikhulu zezwe, elezinqama, elamawundlu, elezimbuzi nelazo zonke izinkunzi ezikhulupheleyo zaseBhashani.


Ngabuye ngabona konke ukucindezela okwakwenziwa phansi komthunzi welanga. Bheka, izinyembezi zabacindezelwe bengenabani wokubaduduza! Uhlangothi lwabacindezeli lwalunamandla, kanti nalo lungenabani wokulududuza.


“Ngiyakusondela kini ukuzokwehlulela. Ngiyakushesha ngifakaze ngimelane nabalumbi, iziphingi, abafunga amanga, nababamba umholo womqashwa ngokungafanele, bacindezele abafelokazi nezintandane, babaphathe kabi abafokazi, futhi nami bangangesabi,” kusho uSimakade Wamabandla.


Zenza unkatho ngabantu bami, zathengisa umfana ukuze zilale nesifebe, zathengisa ngentombazane ukuze zithole iwayini, zaliphuza.


Abantu bezwe bacindezele nokucindezela, baphangile nokuphanga, yebo, babaphathe kabi abampofu nabantulayo, babacindezele abafokazi ngokungenabulungiswa.


Izikhulu zawo ezikuwo, zinjengezimpisi ezidwengula impango ukuba zichithe igazi, zibaqede nya abantu, ukuze zithole inzuzo embi.


Bamukele umfumbathiso kuwe ukuba bachithe igazi, wena wathatha inzalo nenzuzo, waphanga omakhelwane bakho ngokubacindezela, kodwa wangikhohlwa Mina, kusho iNkosi uSimakade.


Babaphatha ngendlakadla oyise nonina kuwe, abafokazi abagogobele kuwe babacindezela, kwathi izintandane nabafokazi abakuwe baphathwa kabi.


UNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele ungidlile wangiqeda; ungenze isitsha esingenalutho, wangigwinya njengodrago; ugcwalisile isisu sakhe ngokumnandi kwami, wangiphalaza.


Hlabani zonke izinkunzi zalo; mazehle ziyohlatshwa. Maye kuzo! Ngokuba usuku lwazo selufikile; isikhathi sokujeziswa kwazo.


ningacindezeli umfokazi, intandane nomfelokazi, ningachithi gazi elingenacala kule ndawo, futhi ningabalandeli abanye onkulunkulu, funa nilimale,


Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Gawulani imithi yalo, ninqwabele indunduma ngakulo iJerusalema. Umuzi wonke uyojeziswa, ngayo yonke ingcindezelo ephakathi kwawo.


“Ukuzila engikukhethileyo akukhona yini lokhu: ukuthukulula izibopho zenkohlakalo, ukukhumula izitilobho ejokeni, ukukhulula abacindezelweyo, nokuphula wonke amajoka na?


Maye kini enihlanganisa indlu nendlu, ninezelele insimu kwenye, kuze kungabe kusaba bikho ndawo, ukuze kube yini nodwa enakhe emhlabeni!


Uma esifundazweni sangakini ubona abampofu becindezelwa, kungenabulungiswa, futhi bephucwa amalungelo abo, ungamangaliswa yilokho, ngoba isikhulu esiphezulu naso sibhekwe ngesinye, kukhona nezingaphezulu kwazo.


Ngiyazi ukuthi uSimakade uyabamela abahluphekayo, abehlulele ngobulungiswa abampofu.


Kepha Wena Simakade, uthi: “Ngenxa yabampofu abaphangwayo, nababuswezi ababubulayo, ngizakuvuka,” kusho uSimakade, “ngimbeke endaweni ephephile, ayilangazelelayo.”


Ngokuba ubacindezele, wabalahla abampofu, udle indlu angazange ayakhe.


Wathenga intaba iSamariya kuShemere, ngamathalenta amabili esiliva. Wakha entabeni, waqamba igama lomuzi wakhe ayewakhile ngokuthi yiSamariya.


Izithelo zomhlabathi wakho nawo wonke umphumela wokusebenza kwakho, kuyodliwa yisizwe ongasaziyo, wena ucindezelwe kuphela, uchotshozwe nsuku zonke.


“Noma ningathokoza, niqhoshe, nina baphangi befa lami; noma ningagxumagxuma njengesithokazi otshanini obuluhlaza, nikhalise okwamahhashi anamandla;


“Awuyukuyicindezela inceku eqashiweyo, empofu nentulayo, noma ngabe ingumfowenu noma ingumfokazi osezweni lakini emzini wakho.


icindezela abampofu nabantulayo, iphanga nokuphanga, ingasibuyisi isibambiso, iphakamisela amehlo ayo ezithombeni, yenza izinengiso,


Baphuza iwayini ngezindebe, bazigcobe ngamafutha ekhethelo, kodwa abadabuki ngokubhujiswa kukaJosefa.


Baphenduka, balibhekisa ngaseBhashani. U-Ogi inkosi yaseBhashani waphuma, wabahlasela yena nabo bonke abantu bakhe, balwa nabo empini yase-Edireyi.


Basusa abantulayo emgwaqweni, bonke abampofu bomhlaba bayacasha ndawonye.


Isicebi sibusa phezu kwabampofu, nobolekayo uyisigqila somtshelekileyo.


Maye, kuwo umqhele wokuzikhukhumeza kwezidakwa zakwa-Efrayimi, nasembalini ebunayo yobuhle obukhazimulayo bawo, osenhloko yesigodi esivundile, salabo abanqotshwe yiwayini!


Wozani, yikhona ngizoletha iwayini, sizozigcingca ngophuzo olunamandla; nengomuso liyakuba njenganamuhla, libe likhulu kakhulu.


“Ezilahlekileyo ngiyakuzifuna, ngizibuyise ezidukileyo, ngibophe ezaphukileyo, ngiqinise ezigulayo, kodwa ezikhulupheleyo nezinamandla ngiyakuzibhubhisa; ngiyakuzinakekela ngobulungiswa.


Yizwani leli lizwi uSimakade alikhulume ngani bantu bakwa-Israyeli, nangawo wonke umndeni awukhipha eGibhithe, uthi:


Bangahambisana yini abantu ababili uma bengavumelananga na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite