Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




U-Amose 3:5 - IsiZulu 2020

5 Inyoni ingawela yini ogibeni olusemhlabathini uma kungekho ecushwe ngakho na? Unoxhaka ungazisukela yini emhlabathini uma impela ungabambe lutho na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Inyoni iwela ogibeni emhlabathini, ingenasihibe, na? Ugibe luyaxhuma emhlabathini, lungabambanga nokubamba, na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Inyoni ingawela yini ogibeni emhlabeni, lapho ingekho umjibila? Umuntu angabamba ugibe emhlabeni, abambe lutho na?

Gade chapit la Kopi




U-Amose 3:5
6 Referans Kwoze  

Ngokuba umuntu akasazi isikhathi sakhe; kunjengezinhlanzi ezibanjwa enethini elinonya, nezinyoni ezibanjwa ogibeni; kanjalo nabantu babanjwa ogibeni olubi, oluyisikhathi esibafikela bengazelele.


USimakade uyilungiselele inhlekelele, wayeseyehlisela kithi, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wethu ulungile emisebenzini yakhe yonke ayenzayo, kodwa asililalelanga izwi lakhe.


“Kuyakuthi njengalokhu ngangibaqaphile ukuze ngibasiphule, ngibadilize, ngibabhidlize, ngibabhubhise, ngibalimaze, kanjalo-ke ngiyakubalinda ukuba ngibakhe, ngibatshale,” kusho uSimakade.


Abazidlayo bangithukusele ugibe, ngezintambo bendlala inetha, eceleni kwendlela, bangibekela izihibe. Sela


Ibhubesi lingabhodla yini ehlathini uma lingabambe nyamazane na? Ibhongo lengonyama lingagwavuma yini uma lingabambe lutho na?


Lingabethwa yini icilongo emzini qede abantu bangathuthumeli na? Umuzi ungehlelwa yini yinhlekelele uma engayenzanga uSimakade na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite