Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




U-Amose 2:8 - IsiZulu 2020

8 Balala eceleni kwawo wonke ama-althare ngezingubo ezithathwe zaba yisibambiso. Baphuza iwayini labahlawulisiwe endlini kaNkulunkulu wabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 bacambalale ezingutsheni ezithathwe zaba yisibambiso eceleni kwawo onke ama-altare, baphuze iwayini labahlawulisiweyo endlini kaNkulunkulu wabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Balala phezu kwezingubo ezibekwe njengesibambiso kuwo wonke ama-altare, baphuze iwayini lababi endlini kankulunkulu wabo.

Gade chapit la Kopi




U-Amose 2:8
17 Referans Kwoze  

Baphuza iwayini ngezindebe, bazigcobe ngamafutha ekhethelo, kodwa abadabuki ngokubhujiswa kukaJosefa.


Anikwazi ukuphuza indebe yeNkosi kanye nendebe yamadimoni. Anikwazi ukuhlanganyela itafula leNkosi kanye netafula lamadimoni.


Ningabi ngabakhonza izithombe njengabanye babo, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Abantu bahlala phansi ukuba badle, baphuze; basukuma, basina.”


Ngokuba uma umuntu ebona wena onolwazi udla ethempelini lesithombe, ngabe unembeza walowo osebuthakathaka awuyukudideka yini, aze adle okuhlatshelwe isithombe na?


Balala emibhedeni ehlotshiwe ngophondo lwendlovu, bazelule ezihlalweni zabo ezinofonofo, badle amawundlu omhlambi namathole aphuma esibayeni.


Yizwani leli lizwi, nina zinkomo zaseBhashani enisentabeni eSamariya, enicindezela abampofu, niphathe kabi abantulayo, enithi emakhosini enu: “Lethani, siphuze.”


Badla izono zabantu bami, balubalubele iziphambeko zabo.


wahlala esihlalweni esihle esintofontofo; itafula elilungisiweyo laliphambi kwaso, wabeka kulo impepho yami namafutha ami.


icindezela abampofu nabantulayo, iphanga nokuphanga, ingasibuyisi isibambiso, iphakamisela amehlo ayo ezithombeni, yenza izinengiso,


engacindezeli muntu, ebuyisela kotshelekayo isibambiso sakhe, engaphangi nokuphanga, kepha epha abalambileyo isinkwa sakhe, embathisa abanqunu,


Zaya emasimini, zabutha amagilebhisi ezivinini zazo, zawagxoba, zagubha umkhosi. Zaya ethempelini likankulunkulu wazo, zadla, zaphuza, zahlekisa ngo-Abhimelekhi.


Uwubekile umbhede wakho entabeni ende nephakemeyo, waphinde wakhuphukela khona ukunikela ngomhlatshelo.


Abakhalanga kimi ngenhliziyo yabo, kodwa bahhewula emibhedeni yabo; babuthana ngenxa yokusahlamvu newayini elisha, bangifulathela Mina.


“Ngokuba mhla ngimjezisa u-Israyeli ngeziphambeko zakhe, ngiyakudiliza nama-althare eBhethele, nginqume nezimpondo ze-althare, ziwele phansi.


“Uma uboleka omunye wabantu bami imali, uboleka ompofu phakathi kwenu, awuyukumphathisa okombolekisi wemali, awuyukumbiza nzalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite