Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




U-Amose 2:5 - IsiZulu 2020

5 Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo kwaJuda, uyakungqongqisa izinqaba eJerusalema.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaJuda, uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kodwa ngizathumela umlilo kwaJuda, njalo uzaqeda izigodlo zeJerusalema.

Gade chapit la Kopi




U-Amose 2:5
11 Referans Kwoze  

Ngokuba u-Israyeli ukhohliwe nguMdali wakhe, wakhe izigodlo, uJuda wandisa imizi ebiyelweyo. Ngiyakuthumela umlilo emizini yakhe, ungqongqise izinqaba zakhe.”


Kepha uma ningangilaleli nilungcwelise usuku lwesabatha, ningathwali mthwalo nxa ningena emasangweni eJerusalema ngosuku lwesabatha, ngiyophemba umlilo emasangweni alo, oyongqongqisa izinqaba zeJerusalema, futhi ongenakucinywa.” ’ ”


Ngokuba ngimelene nalo muzi, ukwenza okubi kuwo, kungabi ngokuhle,’ ” kusho uSimakade. “Uyakunikelwa esandleni senkosi yaseBhabhele, iwushise ngomlilo.”


Washisa indlu kaSimakade, isigodlo senkosi, zonke izindlu eJerusalema, nazo zonke izindlu ezinkulu, wakushisa ngomlilo kwangqongqa.


AmaKhaledi asishisa ngomlilo isigodlo senkosi nezindlu zabantu, adiliza izingange eJerusalema.


Washisa ngomlilo indlu kaSimakade nesigodlo senkosi, nazo zonke izindlu ezinkulu, wazishisa ngomlilo.


Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade ithi: “Isitha siyakulihaqa izwe, sibhidlize izinqaba zenu, siphange nezigodlo zenu.”


Ngiyakubhidliza indlu yasebusika neyasehlobo, kushabalale izindlu ezihlotshiswe ngophondo lwendlovu, kudilike izindlu eziningi,” kusho uSimakade.


INkosi uSimakade yangibonisa kanje: Bheka, iNkosi uSimakade yaphaka impi ngomlilo; wangqongqisa ekujuleni okukhulu, washisa nengxenye.


Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo endlini kaHazayeli, uyakungqongqisa izinqaba zikaBheni Hadadi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite