Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




U-Amose 1:7 - IsiZulu 2020

7 Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo ogangeni eGaza, uyakungqongqisa izinqaba zalo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kepha ngiyakuthuma umlilo ogangeni lwaseGaza, uqede izindlu zalo zamakhosi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kodwa ngizathumela umlilo phezu komduli weGaza, ozaqeda izindlu zayo zamakhosi.

Gade chapit la Kopi




U-Amose 1:7
17 Referans Kwoze  

Impela iGaza liyakusala dengwane, i-Ashikeloni libe ngamanxiwa, i-Ashidodi balixoshe emini kwabha, kuthi i-Ekhroni lisishulwe.


Izwi likaSimakade elafika kuJeremiya, umphrofethi, mayelana namaFilisti, ngaphambi kokuba uFaro alinqobe iGaza, lathi:


Wabhubhisa amaFilisti kwaze kwayofika eGaza nezifunda zayo, kusukela embhoshongweni wabalindi kuze kube semizini ebiyelweyo.


Bathandekayo, ningaphindiseli, kodwa dedelani ulaka lukaNkulunkulu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ingeyami impindiselo, ngiyakuphindisela,” kusho iNkosi.


Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo endlini kaHazayeli, uyakungqongqisa izinqaba zikaBheni Hadadi.


Waphuma wayokulwa namaFilisti, wadiliza ugange eGathi, ugange eJabhine, nogange e-Ashidodi, wakha imizi e-Ashidodi naphakathi kwamaFilisti.


Impindiselo ingeyami, nokunxephezela kungokwami, lapho unyawo lwabo lushelelela okwesikhashana, ngokuba usuku lwabo lwenhlekelele selusondele, izinto abalungiselelwe zona uyozenza zifike ngokushesha kubo.


IGaza iyakuba nempandla, i-Ashikeloni lishabalele, wena nsali yensali yesigodi sabo, uyakuzisika kuze kube nini na?


Bazokwazi ukuthi nginguSimakade, lapho sengithungela ngomlilo iGibhithe, bacoboshiswe bonke abangumfelandawonye nalo.


“ ‘ “Ngiyakuthumela umlilo kuMagogi, nakulabo abahlala ngokulondeka eziqhingini; bayakukwazi ukuthi nginguSimakade.


Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabaseGaza, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba bathumba abantu ngothi lwabo ukuba babakhaphele ku-Edomi.


Ngiyakubhubhisa izakhamuzi e-Ashidodi, nophethe intonga yobukhosi e-Ashikeloni. Ngiyakushaya ngesandla sami i-Ekroni, insali yamaFilisti iyakuphela nya,” kusho iNkosi uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite