Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




U-Amose 1:4 - IsiZulu 2020

4 Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo endlini kaHazayeli, uyakungqongqisa izinqaba zikaBheni Hadadi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Kepha ngiyakuthuma umlilo endlini kaHazayeli, uqede izindlu zobukhosi zikaBeni Hadadi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kodwa ngiyakuthuma umlilo endlini kaHasayeli, uqede izindlu zobukhosi zikaBeni Hadadi.

Gade chapit la Kopi




U-Amose 1:4
20 Referans Kwoze  

“Ngiyakuphemba umlilo ogangeni lwaseDamaseku, ungqongqise izinqaba zikaBheni Hadadi.”


Kepha uma ningangilaleli nilungcwelise usuku lwesabatha, ningathwali mthwalo nxa ningena emasangweni eJerusalema ngosuku lwesabatha, ngiyophemba umlilo emasangweni alo, oyongqongqisa izinqaba zeJerusalema, futhi ongenakucinywa.” ’ ”


UJehowashi, indodana kaJehowahazi, wamephuca uBheni Hadadi, indodana kaHazayeli, leyo mizi ayekade eyidle empini kusabusa uyise, uJehowahazi. UJowashi wamehlula kwaze kwaba kathathu, wayibuyisa imizi yakwa-Israyeli.


Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Israyeli, wayesemnikela esandleni sikaHazayeli, inkosi yase-Aramu, nasesandleni sikaBheni Hadadi, indodana yakhe, sonke leso sikhathi.


Kwathi emveni kwalokho uBheni Hadadi, inkosi yase-Aramu, waqoqa yonke impi yakhe, wenyuka, wavimbezela iSamariya.


Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo kwaJuda, uyakungqongqisa izinqaba eJerusalema.”


Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo kwaMowabi, uyakungqongqisa izinqaba eKeriyothi. AbakwaMowabi bafele emsindweni, kube ubumayemaye, kukhale icilongo.


Ngakho-ke ngiyakuthungela ngomlilo ugange eRabha, uyakungqongqisa izinqaba zalo, kuyozwakala ngeziqubulo nobumayemaye ngosuku lwempi, nangesiphepho ngosuku lwesivunguvungu.


Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo eThemani, uyakungqongqisa izinqaba eBhozira.”


Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo ogangeni eThire, uyakungqongqisa izinqaba zalo.”


Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo ogangeni eGaza, uyakungqongqisa izinqaba zalo.


Ngokuba u-Israyeli ukhohliwe nguMdali wakhe, wakhe izigodlo, uJuda wandisa imizi ebiyelweyo. Ngiyakuthumela umlilo emizini yakhe, ungqongqise izinqaba zakhe.”


“ ‘ “Ngiyakuthumela umlilo kuMagogi, nakulabo abahlala ngokulondeka eziqhingini; bayakukwazi ukuthi nginguSimakade.


Bazokwazi ukuthi nginguSimakade, lapho sengithungela ngomlilo iGibhithe, bacoboshiswe bonke abangumfelandawonye nalo.


U-Asa wakhipha isiliva negolide engcebeni yendlu kaSimakade neyasesigodlweni senkosi, wakuthumela kuBheni Hadadi, inkosi yase-Aramu owayehlala eDamaseku, wathi:


USimakade wayesethi kuye: “Hamba, ubuyele ngendlela oze ngayo, uye ehlane eDamaseku; lapho usufikile khona uyakugcoba uHazayeli abe yinkosi yase-Aramu.


UNkulunkulu wabuye wenza nobubi babantu baseShekhemi ukuba behlele phezu kwabo, baphinde behlelwa nayisiqalekiso uJothamu, indodana kaJerubhali, ayesikhulume kubo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite