Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




U-Amose 1:3 - IsiZulu 2020

3 Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabaseDamaseku, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba babhula iGiliyadi ngezinsingo zensimbi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseDamaseku, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba babhula iGileyadi ngezibhulo ezibukhali zensimbi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Usho kanje uJehova; Eziphambekweni ezintathu zaseDamaseku nangezine angiyikukubuyisa isijeziso sayo; ngoba babhula iGileyadi ngezibhulo zensimbi.

Gade chapit la Kopi




U-Amose 1:3
26 Referans Kwoze  

Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabakwa-Israyeli, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba bathengise olungileyo ngesiliva, nompofu ngezimbadada ezimbili.


Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabaseThire, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba bathumba abantu ngothi lwabo babakhaphela ku-Edomi, bangasikhumbula isivumelwano sabafowabo.


ngokuba uyothi umntwana engakakwazi ukuthi: ‘Baba,’ noma ‘Mama,’ ingcebo yaseDamaseku nempango yaseSamariya ibe isithuthelwe enkosini yase-Asiriya.”


UHazayeli wathi: “Ngabe inkosi yami ikhalelani na?” Yathi: “Kungenxa yokuthi ngiyakwazi ozokwenza kubantu bakwa-Israyeli; uyakubalimaza, uthungele ngomlilo izinqaba zabo, ubulale ngenkemba izinsizwa zabo, uphahlaze izingane zabo, uqhaqhe abesifazane bakhona abazethwele.”


Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabakwaJuda, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba bawulahlile umthetho kaSimakade, bangazigcina izimiso zakhe, amanga abo abadukisa, abawalandela nokhokho babo.


Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabakwaMowabi, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba bashisa amathambo enkosi yakwa-Edomi aba ngumcako.


Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabantu bakwa-Amoni, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba baqaqe abesifazane abakhulelweyo bakwaGiliyadi ukuze bandise imingcele yabo.


Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabaseGaza, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba bathumba abantu ngothi lwabo ukuba babakhaphele ku-Edomi.


Isiphrofetho sezwi likaSimakade elimelene nezwe lakwaHadirakhi. Liyakuhlala nakulo iDamaseku, ngokuba amehlo abantu nawezizwe zonke zakwa-Israyeli abheke kuSimakade,


Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabakwa-Edomi, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba wamxosha umfowabo ngenkemba, walahla isihe sakhe, wabhebhethekisa ulaka lwakhe unomphelo, waqhubeka njalo nentukuthelo yakhe.


“Ngizokwenza ube yisibhulo esisha, esibukhali esinamazinyo; uyobhula izintaba, uzicolise, wenze amagquma abe njengamakhoba.


ngokuba inhloko ye-Aramu yiDamaseku, inhloko yeDamaseku nguRezini; ingakapheli iminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu u-Efrayimi uyobe esehlakaziwe, engasesona ngisho isizwe.


Yipha abayisikhombisa isabelo sakho, kanjalo abayisishiyagalombili, ngokuba awazi ukuthi bubi buni obungahle behlele umhlaba.


Kukhona izinto eziyisithupha azizondayo uSimakade, yebo, eziyisikhombisa eziyisinengiso esikhulu emphefumulweni wakhe:


Sekuze kwaba kalishumi ningingcofa, kodwa anizange nibe namahloni okuthi ningiphathe kabi.


Uyokuhlenga ezinhluphekweni eziyisithupha, yebo, nakweziyisikhombisa awuyukuthintwa wububi.


Akashiyanga muntu kuJehowahazi, kuphela impi eyayingevile kwabamahhashi abangama-50, izinqola zempi ezilishumi namabutho ahamba ngezinyawo ayizi-10 000, ngokuba inkosi yase-Aramu yayibaqothe bafana nothuli esibhulweni.


Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Israyeli, wayesemnikela esandleni sikaHazayeli, inkosi yase-Aramu, nasesandleni sikaBheni Hadadi, indodana yakhe, sonke leso sikhathi.


Kuyokuthi obalekela inkemba kaHazayeli, abulawe nguJehu, obalekela inkemba kaJehu, abulawe ngu-Elisha.


Inkosi yase-Asiriya yamlalela; yakhuphuka yayohlasela iDamaseku, yalidla, yathumba abantu bakhona, yabasa eKhiri, yambulala uRezini.


Ngokuba umntwana engakakwazi ukwala okubi nokukhetha okuhle, leli lizwe okhathazwa ngamakhosi alo amabili liyobe lingasenamuntu.


Uphoko alubhulwa ngesibhulo esibukhali, nesondo lenqola aliphendulwa phezu kwekhumini. Kodwa uphoko lushaywa ngenduku, nekhumini ngogongolo.


limelene neHamathi elingumngcele kulo, neThire nesiSidoni, ngokuba kuhlakaniphe ngokwedlulele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite