Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




U-Amose 1:2 - IsiZulu 2020

2 Wathi: “USimakade uyabhonga eZiyoni, azwakalise izwi lakhe eJerusalema. Amadlelo abelusi ayagagadeka, nesicongo seKharmeli siyabuna.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Wathi: “UJehova uyaduma eseSiyoni, ezwakalise izwi lakhe eseJerusalema; amadlelo abelusi ayakulila, nesiqongo saseKarmeli siyakubuna.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Wathi: “UJehova uyakubhonga eseSiyoni, aphakamise izwi lakhe eJerusalema; amadlelo abelusi ayakulila, nesiqongo seKarmeli sibune.

Gade chapit la Kopi




U-Amose 1:2
23 Referans Kwoze  

“USimakade uyabhodla eseZiyoni, azwakalise izwi lakhe eseJerusalema. Izulu nomhlaba kuyakuzamazama, kodwa uSimakade uyisiphephelo sabantu bakhe, nenqaba yabantu bakwa-Israyeli.


“Manje wena, phrofetha kubo wonke lawa mazwi, uthi: “ ‘USimakade uyaduma kweliphezulu, uzwakalisa izwi lakhe esendaweni yakhe engcwele. Uyakuduma ngamandla phezu kwekhaya lakhe, amemeze njengabanyathela amagilebhisi kubo bonke abakhileyo emhlabeni.


Noma bangacasha esiqongweni seKharmeli, ngiyakubathungatha, ngibabambe. Noma bangazifihla ekujuleni kolwandle ngingababoni ngawami amehlo, kodwa nakhona lapho ngiyakujuba inyoka ibalume.


Kuyoze kube nini izwe ligagadekile, nemifino yonke yasendle ibuna na? Ngobubi babakhileyo kulo; izilwane nezinyoni kuyashabalala, ngokuba bathi: “Akayukusibona isiphetho sethu.”


USimakade uyakuphuma njengeqhawe, njengendoda yempi, uyakuvusa ukushisekela kwakhe, uyakumemeza ngezwi lokunqoba, akhuze isiqubulo sempi aziqonele izitha zakhe.


Ukhuza ulwandle, alomise, nemifula yonke ayishise, iBhashani neKharimeli kuyabuna, kuntshwame nezimbali eLebhanoni.


USimakade ulikhiphile izwi lakhe phambi kwempi yakhe, ngokuba amabutho akhe maningi kakhulu, impela owenza izwi lakhe unamandla. Nokho usuku lukaSimakade lukhulu, futhi luyesabeka ngokwedlulele. Pho ngubani ongalumela na?


Ngiyakubathelekela njengebhele eliphucwe amazinyane alo, ngibadabule isifuba esivikele inhliziyo yabo, ngibashwabadele lapho njengebhubesi, isilwane sasendle sibanephunephule.


Ngiyakumbuyisela u-Israyeli emadlelweni akhe, aklabe eKharmeli naseBhashani, adle, asuthe ezintabeni zakwa-Efrayimi nezakwaGileyadi.


“UJuda uyalila, amasango akhe awile, balilela izwe; ukukhala kweJerusalema kwenyukele phezulu.


Luzokhahlela kakhulu luthokoze, lujabule, lugide. Inkazimulo yeLebhanoni izobuyiselwa kulo nobukhosi beKharimeli nobeSharoni. Bayakubona inkazimulo kaSimakade, ubukhosi bukaNkulunkulu wethu.


Izwe lididekile, lidangele, iLebhanoni lithelwe ngamahloni, liyabuna, iSharoni linjengehlane, iBhashani neKharmeli kuyavuthuluka.


Ulaka lwenkosi olwesabisayo lunjengokubhonga kwengonyama; oyithukuthelisayo uyakulahlekelwa ngukuphila kwakhe.


Kwakukhona umuntu eMahoni owayenemfuyo eKharmeli. Lowo muntu wayecebe kakhulu, enezimvu eziyizi-3 000 nezimbuzi eziyi-1 000. Izimvu zakhe wayezigundela eKharmeli.


Izizwe ziyaxokozela, imibuso iyazamazama; uphumisela izwi lakhe, umhlaba uncibilike.


abaphrofethi ababephambi kwami nababephambi kwakho kusukela emandulo, baphrofetha ngamazwe amaningi nangemibuso eminingi, ngezimpi, inhlekelele, nangobhubhane.


Bayakulandela uSimakade oyakubhonga njengengonyama, ngokuba uyakubhonga, qede kubuye abantwana bakhe bethuthumela, bevela entshonalanga.


Ngikhala kuwe Simakade, ngokuba amadlelo asendle angqongqiswe ngumlilo, nelangabi lizishise zonke izihlahla zasendle.


Izwi likaSimakade linamandla. Izwi likaSimakade liyinkazimulo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite