Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




U-Amose 1:11 - IsiZulu 2020

11 Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabakwa-Edomi, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba wamxosha umfowabo ngenkemba, walahla isihe sakhe, wabhebhethekisa ulaka lwakhe unomphelo, waqhubeka njalo nentukuthelo yakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwa-Edomi, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba wamxosha umfowabo ngenkemba, walahla isihe sakhe, wagcina ulaka lwakhe, wayilondoloza intukuthelo yakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwa-Edomi, nangenxa yezine, angiyikuguquka; ngokuba waxosha umfowabo ngenkemba, walahla lonke uzwelo, nolaka lwakhe lwaludabukile njalo, futhi wagcina ulaka lwakhe kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi




U-Amose 1:11
28 Referans Kwoze  

ngokuba phezu kwakho konke kwafika nabakwa-Edomi bashaya uJuda, bathumba abaningi.


Uma u-Edomi ethi: “Siphihliziwe, kepha siyakubuye sikwakhe kabusha okubhidlikile.” Kodwa usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Bona bayakukwakha, kodwa Mina ngiyakubhidliza. Bayakubizwa ngokuthi Yizwe Lenkohlakalo, nabantu uSimakade abathukuthelele unomphelo.


IGibhithe liyakuba yincithakalo, i-Edomi libe yihlane elingenalutho, ngenxa yobudlova obenziwa kubantu bakwaJuda, bachitha igazi elingenacala ezweni labo.


Khumbula, Simakade, usuku lweJerusalema, ngenxa yabakwa-Edomi, abathi: “Dilizani, dilizani, kuze kube sesisekelweni salo.”


Ngubani onguNkulunkulu njengawe othethelela ukona, ayekelele isiphambeko sensali eyifa lakhe; akahlali ethukuthele ingunaphakade ngokuba uthokozela umusa.


Ungasheshi ukuthukuthela, ngokuba intukuthelo ihlala ezifubeni zeziwula.


“Unganengwa ngowakwa-Edomi, ngokuba ungumfowenu; awuyukunengwa ngowaseGibhithe, ngokuba wawungumfokazi ezweni lakubo.


Ngakho-ke yibani ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo,


“Nginithandile,” kusho uSimakade. “Kodwa nina nithi: ‘Usithande kanjani na?’ “Ngabe u-Esawu wayengeyena umnewabo kaJakobe na? kubuza uSimakade. “Ngamthanda uJakobe,


Ngokuba angiyukulwa kuze kube phakade, angiyukuthukuthela ingunaphakade; funa umoya ophambi kwami uphelelwe ngamandla, ngisho nemiphefumulo engiyenzileyo.


Uzohlala usithukuthelele yini na? Ulaka lwakho ulwedlulisele phezu kwezizukulwane ngezizukulwane na?


Ngizithukuthelele kakhulu izizwe ezinethezekileyo, ngokuba uma ngithukuthele kancane nje, zona ziyadlanga ngobubi.’


“Ngakho-ke ake ubheke, abakwa-Amoni, abakwaMowabi nabasentabeni iSeyiri, ongamvumelanga u-Israyeli ukuba ababhubhise ngesikhathi ephuma eGibhithe, kunalokho wabachezukela, akaze ababhubhisa.


Bheka-ke ukuthi basivuza kanjani, bezile ukuzosixosha efeni lakho owasinika lona ukuba silidle.


U-Israyeli ukwenqabile okuhle; isitha siyakumxosha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite