Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




U-Amose 1:10 - IsiZulu 2020

10 Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo ogangeni eThire, uyakungqongqisa izinqaba zalo.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Kepha ngiyakuthuma umlilo ogangeni lwaseTire, uqede izindlu zalo zamakhosi.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Kodwa ngizathumela umlilo phezu komduli weTire, ozaqeda izindlu zayo zamakhosi.

Gade chapit la Kopi




U-Amose 1:10
8 Referans Kwoze  

Uyabona, iNkosi iyakuwuthatha kulo umcebo walo, iwuphonse olwandle, lona lingqongqiswe ngomlilo.


Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo ogangeni eGaza, uyakungqongqisa izinqaba zalo.


Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo endlini kaHazayeli, uyakungqongqisa izinqaba zikaBheni Hadadi.


Bayakuwuphanga umcebo wakho, bayithathe njengempango impahla yakho ohweba ngayo. Bayakuzibhidliza izingange zakho, badilize izindlu zakho ezinhle, balahle amatshe akho, imithi yakho, nemfucuza yakho emanzini.


nangenxa yosuku oluzayo ukuzobhubhisa wonke amaFilisti, nokuqeda iThire neSidoni, bonke abasizi abasalayo; ngokuba uSimakade uyakuwabhubhisa amaFilisti, insali yesiqhingi iKhafithori.


Ziyakubhidliza izingange zeThire, zidilize imibhoshongo yalo. Ngiyakuyikhukhuluza imvithi yalo, ngilenze libe yidwala elingenalutho.


Wazingcolisa izindlu zakho ezingcwele, ngenxa yobuningi bobubi bakho, nangenxa yokuhweba kwakho okungalungile; ngenza ukuba kuqubuke umlilo kuwe, wakushisa wangqongqa. Ngakwenza waba ngumlotha emhlabathini, phambi kwabo bonke abakubonayo.


“Ningifunani nje nina Thire neSidoni nazo zonke izifunda eFilistiya na? Kukhona yini enikhokhisa ngakho kimi na? Uma nizikhokhisela kimi, ngiyakusheshe ngibuyisele masinyane phezu kwamakhanda enu ukuzikhokhisela kwenu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite