Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




U-Amose 1:1 - IsiZulu 2020

1 Amazwi ka-Amose owayengomunye wabelusi bezimvu edabuka eThekhowa, aqondene nalokho akubonayo ngo-Israyeli ezinsukwini zika-Uziya, inkosi yakwaJuda, nasezinsukwini zikaJerobhowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, eminyakeni emibili ngaphambi kokuzamama komhlaba.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Amazwi ka-Amose owayephakathi kwabelusi baseThekhowa, owabonayo ngo-Israyeli emihleni ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, nasemihleni kaJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, iminyaka emibili ngaphambi kokuzamazama komhlaba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Amazwi ka-Amose owayephakathi kwabelusi baseThekhowa awabona ngo-Israyeli emihleni ka-Uziya inkosi yakwaJuda nasemihleni kaJerobowamu indodana kaJowashi inkosi yakwa-Israyeli iminyaka emibili ngaphambi kokuzamazama komhlaba.

Gade chapit la Kopi




U-Amose 1:1
23 Referans Kwoze  

Niyobalekela emhosheni wezintaba zami, ngokuba umhosha wezintaba uyofinyelela e-Azali. Niyobaleka njengoba nanibalekela ukuzamazama komhlaba ngezinsuku zika-Uziya inkosi yakwaJuda. USimakade uNkulunkulu wami uyakufika nabo bonke abangcwele kanye nawe.


U-Amose waphendula wathi ku-Amaziya: “Angiyena umphrofethi mina, futhi angiyona indodana yomphrofethi, kodwa ngangingumelusi nomlimi wemithombe.


“Bantu bakwaBhenjamini, balekani niyocasha, nisuke eJerusalema, nibethe amacilongo eThekhowa, niphakamise insika yomusi eBhethi Hakeremi, ngokuba inhlekelele ilunguza ivela ngasenyakatho nokubhubhisa okukhulu.


Bavuka ekuseni, baphuma baya ehlane eThekhowa. Ngesikhathi bephuma, uJehoshafathi wasukuma, wathi: “Ngilaleleni, Juda nani zakhamuzi zaseJerusalema! Methembeni uSimakade uNkulunkulu wenu, niyakuqiniswa. Bethembeni abaphrofethi bakhe, niyakuphumelela.”


Wakha iBhethlehema, i-Ethamu, iThekhowa,


Wasuka lapho, wafumana u-Elisha, indodana kaShafathi, elima ngezinkabi ezingamabhangqa ali-12, eziqhuba, yena esebhangqeni le-12. U-Eliya wedlulela kuye, wayesemphonsela ingubo yakhe.


UJowabe wayesethumela eThekhowa, walanda khona owesifazane ohlakaniphileyo, wathi kuye: “Ake uzishaye olilayo, ugqoke inzilo, ungazigcobi ngamafutha, ube njengowesifazane oselile izinsuku eziningi elilela ofileyo,


Amazwi kaJeremiya, indodana kaHilikiya, omunye wabaphristi ababese-Anathothi ezweni lakwaBhenjamini.


Umbono ka-Izaya, indodana ka-Amozi, awubona maqondana noJuda neJerusalema emihleni ka-Uziya, uJothamu, u-Ahazi noHezekiya; amakhosi akwaJuda.


Ngonyaka we-15 wokubusa kuka-Amaziya, indodana kaJowashi, inkosi yakwaJuda, uJerobhowamu, indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, waba yinkosi kwa-Israyeli eSamariya; wabusa iminyaka engama-41.


Kodwa izinto zobuwula zezwe, uNkulunkulu uzikhethile ukuba abajabhise ngazo abahlakaniphileyo. Kanjalo nezinto ezibuthakathaka zezwe, uNkulunkulu uzikhethile ukuba azijivaze ezinamandla.


Izwi likaSimakade lafika kuMikha waseMoreshethi ezinsukwini zokubusa kukaJothamu, u-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda liqondene neSamariya neJerusalema.


Izwi likaSimakade elafika kuHoziya indodana kaBheri ezinsukwini zokubusa kuka-Uziya, uJothamu, u-Ahazi noHezekiya amakhosi akwaJuda, nasezinsukwini zikaJerobhowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli.


Bonke abantu bakwaJuda bathatha u-Azariya owayeneminyaka eli-16, bambeka waba yinkosi esikhundleni sikayise, u-Amaziya.


“Uyokhuluma kubo wonke lawa mazwi, kepha abayukukulalela; uyakubabiza, kodwa abayukusabela.


UMose wayelusa umhlambi womukhwe wakhe uJethro, umphristi wakwaMidiyani. Wawuqhuba wedlula ehlane, waze wayofika eHorebhe entabeni kaNkulunkulu.


Kwathi ehamba ngasolwandle iGalile, wabona izelamani ezimbili, uSimoni okuthiwa nguPhethro no-Andreya umfowabo, bephonsa inetha olwandle, ngokuba babengabadobi.


abaphrofethi ababephambi kwami nababephambi kwakho kusukela emandulo, baphrofetha ngamazwe amaningi nangemibuso eminingi, ngezimpi, inhlekelele, nangobhubhane.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite