Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UZefaniya 3:9 - IsiZulu 2020

9 “ ‘Ngokuba ngaleso sikhathi ngiyakunika abantu izindebe zomlomo ezihlanzekileyo, ukuze bonke babize igama likaSimakade, bamkhonze bemunye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Ngokuba lapho ngiyakunika abantu izindebe ezihlanzekileyo, ukuze bonke babize igama likaJehova, bamkhonze nganhliziyonye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngoba ngalesosikhathi ngizanika abantu ulimi oluhlanzekileyo, ukuze bonke babize ibizo le Nkosi, bamkhonze nganhliziyonye.

Gade chapit la Kopi




UZefaniya 3:9
21 Referans Kwoze  

Emhlabeni wonke abantu babekhuluma lulimi lunye.


Ngalolo lusuku, eGibhithe, kuyoba nemizi emihlanu ekhuluma ulimi lwaseKhanani, eyokwenza isifungo sokwethembeka kuSimakade Wamabandla. Omunye waleyo mizi uyobizwa ngokuthi nguMuzi Wembubhiso.


Yonke imikhawulo yomhlaba iyokhumbula, bese iphendukela kuSimakade, nayo yonke imindeni yezizwe iyokhothama phambi kwakho;


“Izizwe eziningi ziyakuzihlanganisa noSimakade ngalolo lusuku, zibe ngabantu bami; ngiyakuhlala phakathi kwakho, uyakukwazi ukuthi nguSimakade Wamabandla ongithume kuwe.


Ngokuba umhlaba uyakugcwala ukwazi inkazimulo kaSimakade, njengamanzi esibekela ulwadle.


Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungele ukwakha njengokuba kudingeka, ukuze libaphe umusa abezwayo.


Umuntu omuhle ukhipha okuhle engcebeni yakhe enhle; nomuntu omubi ukhipha okubi engcebeni yakhe embi.


USimakade uyakuba yiNkosi emhlabeni wonke. Ngalolo lusuku uSimakade uyakuba yedwa vo, negama lakhe libe lilodwa zwi.


Ingelosi yesikhombisa yabetha icilongo; kwase kuzwakala amazwi ahlokomayo ezulwini ethi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKhristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”


USimakade uyakwesabeka kubo, ngokuba uyakushabalalisa bonke onkulunkulu bomhlaba. Bayakukhuleka kuye, kube yilowo nalowo esendaweni yakhe, kuzo zonke iziqhingi zezizwe.


Simakade, mandla ami nenqaba yami, siphephelo sami ngosuku lokuhlupheka, bayakuza kuwe abezizwe, bevela emajukujukwini omhlaba, bathi: “Obaba badla ifa elingamanga kuphela, okuyize, okungenanzuzo.


Malidunyiswe igama likaSimakade, kusukela ekuphumeni kwelanga, lize liyoshona.


USethi naye wazibula ngendodana wayiqamba ngokuthi ngu-Enoshe. Baqala lapho-ke abantu ukukhuleka egameni likaSimakade.


Ngizodala izithelo zezindebe zomlomo, ngithi: ukuthula, ukuthula kuye okude, nakuye oseduze,” kusho uSimakade; “ngiyakumphilisa.”


Zihlanganise ndawonye, zibe yinduku eyodwa, induku eyodwa esandleni sakho.


Lathinta umlomo wami, lathi: “Uyabona, lokhu kuzithintile izindebe zakho; ububi bakho sebususiwe, nezono zakho sezihlanguliwe.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite