Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UZefaniya 3:6 - IsiZulu 2020

6 “Ngiziqothulile izizwe, imibhoshongo yazo iyincithakalo, ngenze imigwaqo yazo amagebhugebhu, ukuze kungadluli muntu kuyo, imizi yazo icekelwe phansi yasala dengwane.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 “Nginqumile izizwe, imibhoshongo yazo yasezingosini ichithekile; ngichithile izitaladi zazo ukuze kungadluli muntu; imizi yazo iqothuliwe ukuze kungabikho muntu, kungabikho ohlala kuyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngizibhubhisile izizwe; imibhoshongo yabo iyincithakalo; Ngenzile izitaladi zazo zibe yincithakalo, ukuze kungadluli muntu;

Gade chapit la Kopi




UZefaniya 3:6
19 Referans Kwoze  

Lezo zinto zenzeka ukuze zibe yisibonelo kithi, ukuze singafisi okubi, njengokuba bona bakufisa.


Lezo zinto zenzeka kulabo ukuze zibe yisibonelo, ngokuba zilotshiwe ukusiyala thina, osekufike kithi izikhathi zokugcina.


Maye, kwabakhileyo ngasogwini lolwandle, sizwe samaKherithe! Izwi likaSimakade limelene nawe, Khanani, lizwe lamaFilisti. “Ngiyakukubhubhisa kungahlali muntu.”


“ ‘Ngiyakubaphephulela kude kuzo zonke izizwe abangazazi. Izwe selisele liyincithakalo, akekho odlulayo nobuyayo kulo, ngokuba izwe elihle balenze laba yincithakalo.’ ”


Ingelosi kaSimakade yaphuma yabulala enkanjini yabase-Asiriya abayizi-185 000. Kuvukwa ngakusasa, babona ukuthi bonke babefile kuyizigingqane zezidumbu.


Ngiyakuyenza imizi yenu ukuba ibhidlizwe, ngizenze izindawo zenu ezingcwele zibe yincithakalo; angiyukuhogela unqambothi lwephunga lenu elimnandi.


Bhekani nje, indlu yenu enisele nayo, isisele dengwane.


Ngase ngithi: “Nkosi, kuyoze kube nini na?” Yathi: “Kuze kuchithwe imizi, kungabe kusaba khona ohlala kuyo, izindlu zingabe zisaba namuntu, nomhlaba ube yincithakalo neze,


Yilesi isinqumo esinqunyiwe emhlabeni wonke; yilesi isandla esizoshaya izizwe zonke.


Ngubani umuntu ohlakaniphileyo, ongaqonda okukhulunywe kuye ngumlomo kaSimakade, ukuze akumemezele na? Izwe libhujiselweni, lishiselweni lanjengehlane, kwangaba bikho odabula kulo na?


Bhekani, nginabele njengefa lezizwana zenu, zonke izizwe ezisasele, nazo zonke izizwe engazibhubhisa, kusukela eJordani kuze kufike oLwandle Olukhulu entshonalanga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite