Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UZefaniya 3:3 - IsiZulu 2020

3 Izikhulu zawo zingamabhubesi abhodlayo, abehluleli bakhona bangamankentshane asebusuku, abashiyi lutho okwangomuso.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Izikhulu zawo phakathi kwawo ziyizingonyama ezibhongayo; abahluleli bawo bayizimpisi zokuhlwa; abashiyeli lutho ingomuso.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Izikhulu zawo phakathi kwawo zingamabhubesi abhodlayo; abahluleli bawo bayizimpisi zasebusuku; abadli amathambo kuze kuse.

Gade chapit la Kopi




UZefaniya 3:3
15 Referans Kwoze  

Amahhashi aso agijima ukwedlula izingwe, eyesabeka kunamankentshane ebusuku; abagibeli bamahhashi aso bayagabadula, futhi bavela kude abagibeli bamahhashi aso, bandiza njengokhozi luphuthuma elizokudla.


Ngakho-ke ingonyama yehlathi izobahlasela, impisi yasehlane ibabhubhise, ingwe icuthele imizi yabo; bonke abaphuma kuyo ibadweshule, ngokuba iziphambeko zabo ziningi, nokuhlubuka kwabo kukhulu.


“ ‘ “Bheka nje, yileso naleso sikhulu sakwa-Israyeli esasihlala kuwe, senza ngokusemandleni aso ukuba sichithe igazi.


“Kepha amehlo akho nenhliziyo yakho kusenzuzweni engalungile kuphela, ekuchitheni igazi elingenacala, ekucindezeleni, nasekwenzeni ubudlova.”


Izikhulu zakho zingabahlubuki nabangani bamasela; bonke bathanda ukufunjathiswa, balandela izipho nemivuzo. Abazivikeli izintandane, nendaba yomfelokazi ayifinyeleli kubo.


Umbusi okhohlakele obusa abampofu, unjengengonyama ebhodlayo nebhele elihahayo.


Ukubhonga kwabo kunjengokwengonyama; bayakubhonga njengamabhongo ebhubesi; yebo, bayogwavuma, babambe impango yabo, bahambe nayo, kungekho ongayihlenga.


ngisho izikhulu zakwaJuda nezaseJerusalema, abathenwa, abaphristi, nabo bonke abantu bezwe abebedlule phakathi kwezinhlangothi zethole.


Nethembele enkembeni yenu, nenza izinengiso; ningcolisa, kube yilowo nalowo umkamakhelwane wakhe. Pho-ke niyakulidla kanjani izwe libe yifa lenu na?” ’


“Abaphrofethi nabaphristi bangcolile, nasendlini yami ngithole inkohlakalo yabo,” kusho uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite